Meyi 18-24
GENESISE 40-41
INgoma 8 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UJehova Ukhulula UJosefa”: (10 imiz.)
Gen 41:9-13—UFaro wezwa ngoJosefa (w15 2/1 14 ¶4-5)
Gen 41:16, 29-32—UJehova wasiza uJosefa wakwazi ukuchaza amaphupho kaFaro (w15 2/1 14-15)
Gen 41:38-40—UJosefa wayengumbusi olandela uFaro ngobukhulu eGibhithe (w15 2/1 15 ¶3)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 41:14—Kungani uJosefa aphuca ngaphambi kokuba aye kuFaro? (w15 11/1 9 ¶1-3)
Gen 41:33—Yini esingayifunda endleleni uJosefa akhuluma ngayo noFaro? (w09 11/15 28 ¶14)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 40:1-23 (th isifundo 2)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okokuqala: (5 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo bese ubuza izilaleli: Yini ebonisa ukuthi le ndoda nomkayo balungiselele ndawonye ngaphambi kokubuyela kulo mninikhaya? Umfowethu uyicacise kanjani indlela umBhalo osebenza ngayo?
Lapho Ubuyela Okokuqala: (4 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 11)
Lapho Ubuyela Okokuqala: (5 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Mnike okuthile okuseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa. (th isifundo 13)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khuthazela Naphezu Kwempatho Engenabulungisa NjengoJosefa: (6 imiz.) Qala ngokudlala ividiyo ethi Yiba Umngane KaJehova—Khuthazela Naphezu Kwempatho Engenabulungisa. Memela izingane endaweni yesikhulumi, bese uzibuza: Yini eyenzeke kuKhwezi noSmangele ebonisa ukuthi baphathwe kabi? Ucabanga ukuthi yini abayifunda kulokho uJosefa abhekana nakho?
Izidingo Zebandla: (9 imiz.)
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 10 ¶12-21 Ukubukeza ek. 91
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 40 Nomthandazo