AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LUKA 10-11
Umfanekiso WomSamariya Olungile
UJesu washo lo mfanekiso ukuze aphendule umbuzo othi, “Ubani ngempela umakhelwane wami?” (Luka 10:25-29) Wayazi ukuthi ebandleni lobuKristu kwakuyoba nazo “zonke izinhlobo” zabantu—okuhlanganisa amaSamariya nabantu beZizwe. (Joh 12:32) Lo mfanekiso wafundisa abalandeli bakhe ukuthi kufanele benze konke abangakwenza ukuze babonise ukuthi bayabathanda abanye, ngisho nalabo okungenzeka ukuthi bahluke kakhulu kubo.
ZIBUZE:
‘Ngizizwa kanjani ngabafowethu nodadewethu abanamasiko angafani nawami?’
‘Ingabe ngijwayelene kuphela nabantu abathanda izinto ezifana nezami?’
‘Ngingakwazi yini ukuba umuntu okhululekile ngokuzama ukujwayelana namaKristu anesizinda esingafani nesami?’ (2Ko 6:13)
Ubani engingammema ukuze. . .
sisebenze naye ensimini?
sizodla naye ekhaya?
abe nathi ekuKhulekeleni Komkhaya kwakusihlwa?