UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Kungani Ukungathathi-hlangothi Kubaluleke Kangaka? (Mika 4:2)
Umfanekiso womSamariya olungile usikhumbuza ukuthi uJehova akakhethi futhi ufuna “senze okuhle kubo bonke”—okuhlanganisa nalabo abasezingeni lokuphila elingafani nelethu nabantu bohlanga, besizwe, bezwe noma benkolo engafani neyethu.—Gal 6:10; IzE 10:34.
BUKA IVIDIYO ETHI KUNGANI UKUNGATHATHI-HLANGOTHI KUBALULEKE KANGAKA? (MIKA 4:2), BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Sazi kanjani ukuthi uMika 4:2 uchaza lokho okwenzeka kubantu bakaNkulunkulu namuhla?
Kusho ukuthini ukungathathi-hlangothi kwezepolitiki, futhi kungani kubalulekile ukwenza kanjalo?
IsAmbulo 13:16, 17 sibonisa kanjani ukuthi abantu bepolitiki bazama ukuthonya indlela esicabanga nesenza ngayo?
Iziphi izinto ezintathu ezingasenza sigcine sesithatha uhlangothi kwezepolitiki?