UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukunakekela Izindawo Zethu Zokukhonza
AmaHholo OMbuso ethu awazona nje izakhiwo; ayizindawo zokukhonza uJehova ezinikezelwe kuye. Singasifaka kanjani isandla ekunakekeleni iHholo LoMbuso? Xoxani ngemibuzo engezansi ngemva kokubuka i-video ethi Ukunakekela Izindawo Zethu Zokukhonza.
AmaHholo OMbuso awokwenzani?
Kungani kufanele sigcine iHholo LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle?
Obani abanakekela iHholo LoMbuso?
Kungani ukuphepha kubalulekile, futhi iziphi izibonelo zokuphepha oziphawulile kule video?
Singamdumisa kanjani uJehova ngeminikelo yethu?