UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Sonke Esingazinakekela Ngayo Izindawo Zethu Zokukhonza
AmaHholo OMbuso awazona nje izakhiwo; ayizindawo zokukhonza ezinikezelwe kuJehova. Ngamunye wethu angasiza kanjani ekunakekeleni iHholo LoMbuso?
BUKELA IVIDIYO ETHI UKUNAKEKELA IZINDAWO ZETHU ZOKUKHONZA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Izindawo zokukhonza zifeza yiphi injongo?
Kungani kufanele sigcine iHholo LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle?
Kukusize kanjani ukufaka isandla lapho kulungiswa iHholo LoMbuso?
Kungani ukuphepha kubalulekile, futhi iziphi izibonelo zokuphepha ozibone kule vidiyo?
Singamdumisa kanjani uJehova ngeminikelo yethu?
NGINGATHANDA UKUSIZA NGOKU