Ibhokisi Lethu Lamathuluzi Okufundisa
1. AmaKristu afana kanjani nabantu abanekhono emsebenzini wezandla?
1 Abantu abanekhono ekwenzeni umsebenzi wezandla basebenzisa amathuluzi ahlukahlukene. Nakuba amanye amathuluzi esetshenziselwa imisebenzi ekhethekile, amanye asetshenziswa njalo. Asebemnkantsh’ ubomvu emsebenzini wezandla bahlale benawo amathuluzi asetshenziswa njalo ebhokisini lamathuluzi futhi yiwona abakwazi ukuwasebenzisa kahle kakhulu. IBhayibheli likhuthaza umKristu ngamunye ukuba azikhandle enkonzweni nokuba abe “isisebenzi esingenamahloni ngalutho.” (2 Thim. 2:15) Yiliphi ithuluzi elibaluleke kakhulu ebhokisini lethu lamathuluzi? YiZwi likaNkulunkulu—ithuluzi eliyinhloko esilisebenzisayo ukuze ‘senze abafundi.’ (Math. 28:19, 20) Ngakho-ke, kufanele sizame ukuba nekhono ‘ekuphatheni izwi leqiniso ngokufanele.’ Nokho, kunamathuluzi esiwasebenzisa njalo esinawo ebhokisini lethu lamathuluzi okufundisa, okufanele wonke amaKristu afunde ukuwasebenzisa kahle ekufundiseni abantu iqiniso.—IzAga 22:29.
2. Yimaphi amathuluzi esiwasebenzisa njalo?
2 Amathuluzi Ethu Okufundisa Esiwasebenzisa Njalo: Ngaphandle kweBhayibheli, yimaphi amanye amathuluzi okufanele siwasebenzise? Ithuluzi eliyinhloko esilisebenzisela ukufundisa amaqiniso eBhayibheli incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngemva kokuqeda ukufunda le ncwadi nomfundi, sisebenzisa incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” ukuze simfundise ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe. Ngakho-ke, kufanele sibe nekhono ekusebenziseni lezi zincwadi ezimbili. Nezinye izincwajana kufanele zibe khona ebhokisini lethu lamathuluzi okufundisa. Elinye lamathuluzi ethu ayinhloko ekuqaleni izifundo zeBhayibheli incwajana ethi, Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Uma insimu yethu inabantu abangakwazi ukufunda noma abakhuluma ulimi esingenazo izincwadi zalo, singase sisebenzise incwajana ethi, Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ithuluzi lokufundisa eliyinhloko ekuqondiseni umfundi enhlanganweni kaJehova incwajana ethi, Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? Ama-video asizayo ekwenzeni abafundi okufanele sifunde ukuwasebenzisa kahle, athi, Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?, Kwenziwani EHholo LoMbuso?, Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?
3. Izihloko ezizolandela kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso zizosisiza ukuba senzeni?
3 Izihloko ezizolandela kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso zizosisiza sibe nekhono ekusebenziseni amathuluzi esinawo ebhokisini lethu lamathuluzi okufundisa. Njengoba sizama ukuwasebenzisa kahle la mathuluzi, siyobe silalela lesi seluleko esiphefumulelwe: “Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.”—1 Thim. 4:16.