ISimiso Sesonto Lika-August 3
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 3
INgoma 63 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 28 ¶10-17 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 18-20 (8 imiz.)
No. 1: 1 AmaKhosi 18:30-40 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: UDebora—Iphuzu Eliyinhloko: Abesifazane Abathembekile Badumisa UJehova—w93 11/15 k. 15 isig. 16; my 50 (5 imiz.)
No. 3: IBhayibheli Lingazisiza Kanjani Izingane?—igw k. 27 ¶1-2 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: ‘Hambani niyokwenza abafundi.’—Math. 28:19, 20.
10 imiz: Hambisa Omagazini Ngo-August. Ingxoxo. Makuqale kube nomboniso wendlela okungahanjiswa ngayo omagazini kusetshenziswa izintshumayelo ezisikiselwe. Yibe usuhlaziya intshumayelo ngayinye kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
10 imiz: Zuza Ngokufunda Incwajana Ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Ingxoxo. Qala ngokuba nenkulumo yemizuzu emihlanu esekelwe esihlokweni sonyaka ka-2015. Ngemva kwalokho, cela abamemezeli basho ukuthi kunini lapho behlola khona umBhalo wosuku. Phetha ngokukhuthaza bonke ukuba bayisebenzise kahle incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke.
10 imiz: Izidingo Zebandla.
INgoma 26 Nomthandazo