AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Wasebenzise Ngendlela Enekhono Amathuluzi AseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa
Ukufundisa umuntu kufana nokwakha indlu. Ukuze sibe abakhi abanekhono, kumelwe sifunde ukuwasebenzisa kahle amathuluzi ethu. Ikhono elidingeka nakakhulu elokusebenzisa ithuluzi lethu eliyinhloko okuyiZwi likaNkulunkulu. (2Thim 2:15) Kudingeka sizisebenzise kahle nezinye izincwadi namavidiyo okuseBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa—sinomgomo wokwenza abafundi.a
Ungalithuthukisa kanjani ikhono lakho lokusebenzisa amathuluzi akuleli bhokisi? (1) Cela usizo kumboniso weqembu lenkonzo yasensimini, (2) sebenza nommemezeli ongumakadebona noma iphayona bese (3) ulungiselela, ulungiselele, ulungiselele. Lapho uya ngokuya uba nekhono ekusebenziseni lezi zincwadi namavidiyo, uzowujabulela lo msebenzi wokwakha ongokomfanekiso owenziwa manje.
MAGAZINES
IZINCWAJANA
IZINCWADI
AMAPHESHANA
AMAVIDIYO
IZIMEMO
AMAKHADI OKUNGENA KU-JW.ORG
a Kunezincwadi ezimbalwa ezingekho eBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa. Lezo zincwadi zilungiselelwe izidingo ezikhethekile. Singazisebenzisa lapho kufaneleka.