Ukufunda Kubamemezeli Abanokuhlangenwe Nakho
Sibazisa ngempela abamemezeli abanokuhlangenwe nakho esinabo ebandleni. Abanye babo sebekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi. Abanye kungenzeka basanda kuthuthukisa amakhono abo enkonzweni. Laba bamemezeli baye babona indlela uJesu aye aqondisa ngayo ibandla lobuKristu kulezi zinsuku zokugcina ngokukhulisa umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngokuhlanganyela kule nkonzo, baye bathola “amandla angaphezu kwavamile” lapho bebhekene nezinselele nezilingo. (2 Kor. 4:7) Kuningi esingakufunda kulaba bamemezeli abangomakadebona. Lapho bethola ithuba, bayakujabulela ukufundisa abanye lokho abaye bakufunda. (IHu. 71:18) Ngakho, kufanele sizenzele isikhathi sokufunda kubo. Singakwenza kanjani lokhu?
Enkonzweni. Abamemezeli abasanda kuhlanganyela noma abangenakho okuhlangenwe nakho badinga ukuqeqeshwa ukuze baphumelele enkonzweni. Singafunda lukhulu ngokubheka indlela abamemezeli abamnkantsh’ubomvu abayifeza ngayo inkonzo yabo. (Bheka isihloko esithi “Londoloza Intshiseko Yakho Ngenkonzo,” isigaba sesithathu ngaphansi kwesihlokwana esithi “Siza Abamemezeli Abasha,” kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2015.) Uye wazuza kanjani ngokusebenza nalaba bamemezeli enkonzweni?
Ungammema yini ummemezeli onokuhlangenwe nakho ukuba asebenze nawe enkonzweni? Uma lo mmemezeli enempilo ebuthaka, mhlawumbe ngezinye izikhathi unganquma ukuqhuba esinye sezifundo zakho kwakhe. Ngemva kwesifundo, mcele aphawule akubonile nokusikisela kwakhe.
Ziphe Isikhathi Nabo: Ukuchitha isikhathi nabo kuyokwenza ubazi kangcono. Memani omunye wabo ukuba abe nani ekukhulekeleni kwenu komkhaya futhi nimbuze imibuzo. Uma lo mmemezeli enempilo ebuthaka, ningahlela yini ukuba ukukhulekela komkhaya nikwenzele kwakhe? Mbuzeni ukuthi walithola kanjani iqiniso. Iziphi izibusiso aye wazijabulela? Liye lakhula kanjani ibandla phambi kwakhe? Iyiphi injabulo ayithole ngokukhonza uJehova?
Yiba nokuqonda futhi ulinganisele kulokho okulindele. Njengathi sonke, abamemezeli abanesikhathi eside beseqinisweni banezipho ezihlukahlukayo enkonzweni. (Roma 12:6-8) Abanye babo sebekhulile futhi lokhu kungabenza bachithe isikhathi esincane nathi. Noma kunjalo, kuningi esingakufunda kubo ngenxa yokuhlangenwe nakho abakuthole ekukhonzeni uJehova ngokwethembeka.