ISimiso Sesonto Lika-June 22
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 22
INgoma 67 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 26 ¶10-17 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 1-2 (8 imiz.)
No. 1: 1 AmaKhosi 1:15-27 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza AmaKristu Eqiniso Aneliseke Futhi Ajabule—igw k. 23 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: UKalebi—Iphuzu Eliyinhloko: UJehova Ubenza Babe Namandla Labo Abamlandela Ngokuphelele—w08 2/15 k. 5 izig. 11-13 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Khumbula izinsuku zakudala.”—Dut. 32:7.
15 imiz: Yini Esiyifezile? Ingxoxo esingathwa unobhala. Xoxa ngalokho okwafezwa phakathi nenkathi yeSikhumbuzo futhi uncome ibandla ngomsebenzi walo. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho ezakujabulela lapho zihambisa izimemo zeSikhumbuzo.
15 imiz: Usibambé Kanjani Isandla Sakho? (Isaya 41:13) Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili asebekhonze uJehova ngokwethembeka isikhathi eside ngokuthi uJehova uye wabasiza kanjani banqoba izinselele enkonzweni yabo.
INgoma 107 Nomthandazo