ISimiso Sesonto Lika-June 15
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 15
INgoma 77 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 26 ¶1-9 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Samuweli 22-24 (8 imiz.)
No. 1: 2 Samuweli 22:21-32 (3 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: UKhayini—Iphuzu Eliyinhloko: Indlela Esisabela Ngayo Eselulekweni Isho Lukhulu Ngathi—w08 10/15 k. 5 izig. 10, 11 (5 imiz.)
No. 3: Uthando Nokulalela Kuletha Injabulo—w08 10/15 k. 5 izig. 10, 11 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: “Khumbula izinsuku zakudala.”—Dut. 32:7.
12 imiz: Imuphi Umlingiswa OseBhayibhelini Omthandayo? Ingxoxo nenkulumo. Qala ngokuba nengxoxo nezingane ezimbili noma ezintathu zasebandleni. Imuphi umlingiswa oseBhayibhelini ezimthandayo? NgokweBhayibheli, yini ayenza lo mlingiswa? Zingamlingisa kanjani lo mlingiswa oseBhayibhelini? Ngemva kwalokho, qhubeka nenkulumo uchaze ukuthi izingane zingazuza kanjani ngokusebenzisa amakhadi abalingiswa abaseBhayibhelini atholakala kuyi-jw.org/zu. (Bheka ngaphansi kwengxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZINGANE.) Ikhadi ngalinye lomlingiswa oseBhayibhelini lihlanganisa umlando wakhe nezithombe zakhe, ibalazwe lalapho ayehlala khona, ukulandelana kwezikhathi okubonisa isikhathi ayephila ngaso nemibuzo emithathu nezimpendulo zayo. Ikhadi ngalinye lenziwe ngendlela yokuba ukwazi ukuliprinta nokuligcina. Khuthaza abazali abanezingane ezincane ukuba basebenzise leli thuluzi ukuze bafundise izingane zabo ‘ngezinsuku zakudala.’—Dut. 32:7.
18 imiz: “Ukufunda Kubamemezeli Abanokuhlangenwe Nakho.” Ingxoxo. Lapho nixoxa ngesigaba sesibili, cela izilaleli zilandise ukuthi zizuze kanjani ngokusebenza nommemezeli onokuhlangenwe nakho enkonzweni.
INgoma 4 Nomthandazo