Sebenzisa Amandla EZwi LikaNkulunkulu Enkonzweni Yakho
Lapho umuntu evuma ukuba sihlanganyele naye izindaba ezinhle, silibamba ngazo zombili lelo thuba futhi sisebenzisa amandla eZwi likaNkulunkulu ngokuyifunda ngokuqondile imiBhalo eBhayibhelini. Lokhu kwagcizelelwa emhlanganweni okhethekile wangonyaka odlule. Umbonisi wesigodi wanikeza inkulumo enesihloko esithi “Sebenzisa Amandla EZwi LikaNkulunkulu Enkonzweni Yakho.” Ingabe uyawakhumbula amaphuzu ayinhloko?
Kungani iZwi likaJehova linamandla kakhulu kunamazwi ethu?—2 Thim. 3:16, 17.
Kungayiphi indlela iBhayibheli elishukumisa ngayo imizwelo, elishintsha ngayo ukucabanga, elihlaziya ngayo izisusa neliqondisa ngayo indlela yokuziphatha?—Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 2012, k. 27, isig. 7.
Lapho sifundela othile umBhalo enkonzweni, singawufunda kanjani ngendlela eyomenza ahloniphe iZwi likaNkulunkulu?—Bheka incwadi ethi iSikole Senkonzo, k. 148, izig. 3-4 ne-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2013, k. 6, isig. 8.
Kungani kubalulekile ukuchaza nokubonisana nabantu ngomBhalo esiwufundayo, futhi singakwenza kanjani lokho?—IzE. 17:2, 3; bheka incwadi ethi iSikole Senkonzo, k. 154, isig. 4 kuya k. 156, isig. 4.