Basize Bazise Izimfanelo ZikaJehova Ezinhle Kakhulu
1 Enkonzweni yethu, senza okungaphezu kokufundisa abantu amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Sibasiza ukuba bazi uJehova njengomuntu futhi bazise izimfanelo zakhe ezinhle kakhulu. Lapho abanhliziyo ziqotho befunda iqiniso ngoNkulunkulu, libathonya ngokujulile, libashukumisele ukuba bashintshe ukuphila kwabo ‘ukuze bahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’—Kol. 1:9, 10; 3:9, 10.
2 Ithuluzi Lethu Elisha Lokutadisha: Zisuka amadaka, incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iqokomisa izimfanelo zikaJehova. Isahluko sokuqala siphendula le mibuzo: Ingabe uNkulunkulu uyakukhathalela ngempela?, Unjani uNkulunkulu?, Singasondela yini kuNkulunkulu? Leso sahluko sibuye siqokomise ubungcwele bukaJehova (isig. 10), ubulungisa nobubele bakhe (isig. 11), uthando (isig. 13), amandla (isig. 16), isihe, ubumnene, ukukulungela kwakhe ukuthethelela, ukubekezela nobuqotho. (isig. 19). Isigaba 20 sifingqa le ndaba ngala mazwi: “Lapho uqhubeka ufunda okwengeziwe ngoJehova, yilapho eyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe futhi uyoba nezizathu ezengeziwe zokumthanda futhi uzizwe usondelene naye.”
3 Singayisebenzisa kanjani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze sisize abantu esibafundelayo basondele kuJehova? Ngemva kokuxoxa ngesigaba esiqokomisa enye yezimfanelo zikaNkulunkulu, singase sibuze umfundi, “Lokhu kukutshelani ngoJehova njengomuntu?” noma “Lokhu kubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu uyakuthanda?” Lapho sivama ukubuza abantu esibafundelayo imibuzo enjengale phakathi nesifundo, sisuke sibafundisa ukuzindla ngalokho abakufundayo futhi sibasiza ukuba bazise izimfanelo zikaJehova ezinhle kakhulu.
4 Sebenzisa Ibhokisi Lokubukeza: Ekugcineni kwesahluko ngasinye kunebhokisi elithi “Lokho Okufundiswa IBhayibheli.” Cela umuntu omfundelayo ukuba akhulumele iphuzu ngalinye elikulelo bhokisi ngamazwi akhe. Msize aphawule okushiwo imiBhalo ekhonjiwe. Ukuze uthole ukuthi yini esenhliziyweni yakhe, ungase ubuze lo mbuzo ngezinye izikhathi, “Uzizwa kanjani ngalokhu okufundiswa iBhayibheli kuleli phuzu?” Ngokwenza kanjalo, awugcini ngokugcizelela amaphuzu ayinhloko esahluko, kodwa uthola nokuthi yini ngempela umfundi ayikholelwayo. Lokhu kuyomsiza ukuba aqale ukwakha ubuhlobo noJehova.