Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda February 1
“Namuhla, sihambisela wonke umuntu kule ndawo leli pheshana. Lichaza indlela iBhayibheli eliwusizo ngayo. Nali elakho. [Nikeza umninikhaya ipheshana elithi Ucabangani NgeBhayibheli?] Abanye bayazibuza ukuthi iBhayibheli linaso yini iseluleko esisebenzayo esingabasiza emisebenzini yabo. Phawula okushiwo ileli vesi ngomsebenzi. [Funda UmShumayeli 3:13.] Lo magazini ukhuluma ngezinye izimiso zeBhayibheli ezingasisiza sijabulele umsebenzi esiwenzayo. Ungathanda ukuwufunda?”
Phaphama! February
“Sinihambele kafushane ukuze sibonise omakhelwane bethu i-Phaphama! yamuva. Ikhuluma ngempendulo yombuzo othakazelisayo. [Mbonise isembozo.] Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngesibonelo esikulo magazini. [Funda IzAga 29:11.] Ucabanga ukuthi lesi simiso seBhayibheli siyasebenza namuhla? [Lindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezine uchaze nendlela esingazuza ngayo ngokuzisebenzisa.”