ISIHLOKO SENYANGA: “SHUMAYELA IZWI, UBE KULO UNOMUZWA WOKUPHUTHUMA.”—2 THIM. 4:2.
Indlela Yokuhlakulela Umuzwa Wokuphuthuma Lapho Sishumayela
Kumelwe sihlakulele umuzwa wokuphuthuma, futhi kubalulekile ukuba sibe nawo ukuze sisinde lapho lesi simiso sezinto siphela. Ngokunaka izikhumbuzo ezilandelayo, singaqinisa umuzwa wethu wokuphuthuma.
Thandazela uMbuso njalo.—Math. 6:10.
Vikela inhliziyo yakho ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke.—Heb. 3:12.
Sebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha.—Efe. 5:15, 16; Fil. 1:10.
Gcina iso lakho “lilihle.” Ungaphazanyiswa izifiso zezwe.—Math. 6:22, 25; 2 Thim. 4:10.
Hlala ulindile ngokuphaphamela ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli.—Marku 13:35-37.
Ukuba kwethu nomuzwa wokuphuthuma kuyosikhuthaza ukuba sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini ongakapheli!—Joh. 4:34, 35.