Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 27, 2014.
Kungani ama-Israyeli akhononda ngoNkulunkulu nangoMose njengoba kulotshwe kuNumeri 21:5, futhi yisiphi isixwayiso esisithola kulokhu kulandisa? [Sept. 1, w99 8/15 kk. 26-27]
Kungani intukuthelo kaJehova yavuthela uBhalami? (Num. 22:20-22) [Sept. 8, w04 8/1 k. 27 isig. 2]
UNumeri 25:11 usitshelani ngesimo sengqondo sikaFinehasi, futhi singamlingisa kanjani? [Sept. 8, w04 8/1 k. 27 isig. 4]
Yiziphi izindlela uMose asibekela ngazo isibonelo esihle kakhulu sokuthobeka namuhla? (Num. 27:5, 15-18) [Sept. 15, w13 2/1 k. 5]
UJoshuwa noKalebi babubonisa kanjani ubufakazi obunamandla bokuthi abantu abangaphelele bangahamba ngokuphumelelayo ezindleleni zikaNkulunkulu naphezu kokuphikiswa? (Num. 32:12) [Sept. 22, w93 11/15 k. 14 isig. 13]
Ukulalela kwamadodakazi kaZelofehadi kungase kuwuthonye kanjani umbono womKristu ongashadile ngomshado? (Num. 36:10-12) [Sept. 29, w08 2/15 kk. 4-5 isig. 10]
Waba yini umphumela wesimo sengqondo sokukhononda sama-Israyeli nenkulumo yawo engakhi, futhi singafundani kulokhu kulandisa? (Dut. 1:26-28, 34, 35) [Oct. 6, w13 8/15 k. 11 isig. 7]
Ukuze athole isibusiso sikaJehova futhi achume eZweni Lesithembiso, imuphi umthwalo wemfanelo okabili ama-Israyeli okwakumelwe awufeze? (Dut. 4:9) [Oct. 13, w06 6/1 k. 29 isig. 15]
Kungayiphi indlela izingubo zama-Israyeli zingazange ziguge nezinyawo zawo zingavuvukalanga ohambweni lwasehlane? (Dut. 8:3, 4) [Oct. 20, w04 9/15 k. 26 isig. 1]
Singasisebenzisa kanjani isikhuthazo esanikwa ama-Israyeli ‘sokunamathela’ kuJehova? (Dut. 13:4, 6-9) [Oct. 27, w02 10/15 k. 16 isig. 14]