ISimiso Sesonto Lika-November 3
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 3
INgoma 79 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 15 ¶11-19 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 14-18 (10 imiz.)
No. 1: Duteronomi 15:16–16:8 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza Sibheke Isono Ngokwalokho Esiyikho—rs k 158 ¶2–k. 159 ¶2 (5 imiz.)
No. 3: Ukwamukela Izingane Zokutholwa—Indlela Okwakubhekwa Futhi Kwenziwe Ngayo Njengoba Kwembulwe EmiBhalweni YesiHebheru—g04 4/8 k. 21 ¶2–k. 22 ¶1; w02 6/15 k. 9 ¶3–k. 10 ¶1 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Siza Izingane Zilungiselele Inkonzo. Ingxoxo. Dlala i-video ethi Yiba Umngane KaJehova—Asiye Ensimini. (Ngena kuyi-jw.org, ubheke ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZINGANE.) Buza izingane: Bangaki kini abenesikhwama sokuya ensimini? Yini esesikhwameni sakho? Yini into yokuqala uSmangele ayifake esikhwameni sakhe? Yini enye abeyidinga? Ngemva kokupakisha isikhwama sakhe, iyiphi into ebalulekile abezoyenza nomama wakhe? Makube nomboniso wengane ehambisa umagazini.
10 imiz: Indlela Abanye Abashumayela Ngayo Izwi Ngomuzwa Wokuphuthuma. Umdala uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu abaye bathatha izinyathelo ezingokoqobo zokuhlela kabusha isimiso sabo ukuze bandise inkonzo yabo noma baphayone. Phetha ngokubukeza amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini futhi ukhuthaze bonke ukuba bathathe izinyathelo ezingokoqobo ukuze bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni.
10 imiz: Ithuthuke Kanjani Inkonzo Yakho? Ingxoxo esingathwa umbonisi wenkonzo. Cela izilaleli zisho ukuthi izihloko zakamuva ezithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni” zizisize kanjani ukuba zithuthuke ezicini ezihlukahlukene zenkonzo. Phetha ngokukhuthaza bonke ukuba baqhubeke beshumayela benomuzwa wokuphuthuma ngokusebenzisa ukusikisela okukulezi zihloko.
INgoma 100 Nomthandazo