Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UZefaniya
1. UZefaniya wakhonza njengomprofethi ngaphansi kwaziphi izimo, futhi uyisibonelo esihle ngayiphi indlela kithi namuhla?
1 Kwakuphakathi nekhulu le-7 B.C.E. futhi uBhali wayekhulekelwa ingcaca kwaJuda. INkosi embi u-Amoni yayisanda kubulawa futhi manje kwakubusa iNkosi uJosiya osemncane. (2 IziKr. 33:21–34:1) Phakathi naleso sikhathi uJehova wamisa uZefaniya ukuba amemezele isahlulelo saKhe. Nakuba kungenzeka ukuba uZefaniya wayengowozalo lwasebukhosini bakwaJuda, akazange athambise isigijimi sikaJehova esasilahla abaholi bakwaJuda. (Zef. 1:1; 3:1-4) Ngokufanayo, silwela ukulingisa isibindi sikaZefaniya futhi asivumeli izibopho zomkhaya ziphazamise ukukhulekela kwethu uJehova. (Math. 10:34-37) Yisiphi isigijimi esamenyezelwa uZefaniya, futhi kwaba namuphi umphumela?
2. Yisiphi isinyathelo okumelwe sisithathe ukuze sisitshekelwe ngosuku lwentukuthelo kaJehova?
2 Funani UJehova: UJehova kuphela ongasindisa abantu ngosuku lwakhe lwentukuthelo. Ngakho, uZefaniya wanxusa abantu bakwaJuda ukuba bafune uJehova, bafune ukulunga futhi bafune ubumnene isikhathi sisekhona. (Zef. 2:2, 3) Kunjalo nasosukwini lwethu. NjengoZefaniya, sikhuthaza abanye ukuba bafune uJehova, kodwa nathi kumelwe sithathe isinyathelo, sizimisele ukungalokothi ‘sihlehle nyovane ekulandeleni uJehova.’ (Zef. 1:6) Kunalokho, sifuna uJehova ngokutadisha iZwi lakhe ngokucophelela nangokuthandazela isiqondiso sakhe. Sifuna ukulunga ngokuphila ukuphila okuhlanzekile ngokokuziphatha. Sifuna ubumnene ngokuhlakulela isimo sengqondo sokuthobeka nangokusamukela ngokushesha isiqondiso esivela enhlanganweni kaJehova.
3. Kungani kufanele silondoloze umbono omuhle enkonzweni?
3 Imiphumela Emihle: Isigijimi sesahlulelo sikaZefaniya sathinta izinhliziyo zabathile kwaJuda kodwa ophawuleka kunabo bonke uJosiya osemncane, owaqala ukufuna uJehova esengumfana. Kamuva uJosiya waqala umkhankaso omkhulu wokumelana nokukhulekela izithombe. (2 IziKr. 34:2-5) Namuhla, nakuba enye imbewu yoMbuso iwela eceleni kwendlela, ezindaweni ezinamadwala, noma phakathi kwameva, enye iwela nasenhlabathini ekahle futhi ikhiqize izithelo. (Math. 13:18-23) Siyaqiniseka ngokuthi uJehova uzoqhubeka ebusisa imizamo yethu njengoba simatasa ekusakazeni imbewu yoMbuso.—IHu. 126:6.
4. Kungani kufanele ‘silindele uJehova’?
4 Abanye kwaJuda babezitshela ukuthi uJehova wayengasoze asithathe isinyathelo. Nokho, uJehova wabaqinisekisa bonke ukuthi usuku lwakhe olukhulu lwaluseduze. (Zef. 1:12, 14) Insindiso yayiyotholwa kuphela yilabo abaphephela kuye. (Zef. 3:12, 17) Njengoba ‘silindele uJehova,’ sengathi singathola injabulo ngokukhonza ngobunye nabakhulekeli bakaNkulunkulu wethu omkhulu esikanye nabo!—Zef. 3:8, 9.