ISimiso Sesonto Lika-August 4
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 4
INgoma 51 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 11 ¶1-8 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 4-6 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 4:17-33 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ingabe IBhayibheli Lithi Abanye Abasoze Basindiswa?—rs k. 112 ¶2-4 (5 imiz.)
No. 3: Ukubekwa Icala—UJehova Uyayichitha Imithetho Emibi Futhi Uyabahlulela Abamangalela Abanye Ngamanga—si k. 86 ¶9-10; dp k. 122 ¶17-22 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Hambisa Omagazini Ngo-August. Ingxoxo. Kusetshenziswa izintshumayelo ezisikiselwe kuleli khasi, makube nomboniso wendlela okungahanjiswa ngayo omagazini phakathi nomkhankaso okhethekile ngezimpelasonto. Yibe usucela izilaleli ukuba ziphendule le mibuzo: Kungani kufanele sihambise omagazini ngezimpelasonto zango-August lapho kufaneleka ukwenza kanjalo? Yiziphi izikhathi okuyofaneleka ngazo ukubahambisa?
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Sisebenze Kanjani? Ingxoxo. Cela izilaleli zisho ukuthi zizuze kanjani ngokusebenzisa amaphuzu asesihlokweni esithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqala Ingxoxo Ukuze Ufakaze Ngokwethukela.” Cela izilaleli zisho okuhlangenwe nakho okuhle.
INgoma 75 Nomthandazo