ISimiso Sesonto Lika-July 28
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 28
INgoma 58 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 10 ¶18-21, ibhokisi ek. 106 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 1-3 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 3:21-38 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: “Zonke Izinhlobo Zabantu” Ziyosindiswa—rs k. 112 ¶1 (5 imiz.)
No. 3: Ukubekwa Icala—Kwakusingathwa Kanjani Ngaphansi Komthetho WamaHebheru NowamaRoma?—w99 10/15 k. 21 ¶17, 18; bt k. 184 ibhokisi; k. 185 ¶13-14 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Ingabe Usuwulungele Unyaka Wesikole Olandelayo? Ingxoxo. Cela izilaleli zisho ezinye zezinselele intsha engamaKristu ebhekana nazo esikoleni. Chaza indlela abazali abangasebenzisa ngayo ingosi yethu namanye amathuluzi angokwasezulwini ukuze bahlomise izingane zabo. (1 Pet. 3:15) Khetha inselele eyodwa noma ezimbili ezivamile, ulandise okunye kokwaziswa okuwusizo esikuthola enhlanganweni. Cela izilaleli zisho ukuthi zakwazi kanjani ukunikeza ubufakazi lapho zisesikoleni.
10 imiz: Xoxa Nonobhala. Ukufeza isabelo sakho kuhilelani? Ababonisi bamaqembu nabamemezeli bangakusiza kanjani ukuba uhlanganise umbiko wenkonzo webandla onembile futhi uhlanganiswe ngesikhathi? Umbiko onembile ubasiza kanjani abadala, umbonisi wesigodi nehhovisi legatsha ukuba banikeze isikhuthazo esidingekayo?
10 imiz: “Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UZefaniya.” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 70 Nomthandazo