Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukulungiselela Isethulo
Okwenza Kubaluleke: Uma isethulo sethu singasivusi isithakazelo, umninikhaya angase anqamule ingxoxo ngaphambi kokuba sinikeze ubufakazi. Ngakho abamemezeli abaningi babheka isethulo njengesiyingxenye ebaluleke kakhulu entshumayelweni yabo. Nakuba kunezintshumayelo ezisikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nasencwadini ethi Ukubonisana, azikutsheli konke okufanele ukusho, ukuze ukwazi ukuzivumelanisa nezimo. Ngisho noma intshumayelo esikiselwe inakho konke ongase ukusho, abamemezeli bangase bakhethe ukuyishintsha noma ukuzilungiselela eyabo. Ngakho siyophumelela kakhudlwana uma sisilungiselela ngokucophelela isethulo sethu kunokumane sisho noma yini efika engqondweni lapho umninikhaya evula umnyango.—IzAga 15:28.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Phakathi nokukhulekela komkhaya, bekela eceleni isikhathi sokulungiselela nokuprakthiza izethulo.
Lapho usensimini, xoxela abanye abamemezeli lokho ohlele ukukusho. (IzAga 27:17) Sishintshe isethulo sakho uma singaphumeleli.