ISimiso Sesonto Lika-May 12
ISONTO ELIQALA NGO-MAY 12
INgoma 49 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 7 ¶1-8 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 27-29 (10 imiz.)
No. 1: Eksodusi 29:19-30 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: UJesu Akazange Ahlukanise UMthetho KaMose Waba Izingxenye “Zemikhosi” “Nezokuziphatha”—rs k. 122 ¶1-2 (5 imiz.)
No. 3: U-Abrahama—Ukulalela, Ukungabi Nabugovu Nesibindi Yizimfanelo Ezijabulisa UJehova—w01 8/15 k. 21 ¶9-14; w99 1/1 k. 6 ¶3-7; w93 11/15 k. 13 ¶9-10 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
15 imiz: Zonke Izizwe Ziyogobhozela Kuyo. (Isaya 2:2) Xoxa nabamemezeli ababili, omunye useneminyaka eminingi esemaqinisweni kanti omunye usemusha. Yini eyabadonsela eqinisweni? Yiziphi izinselele okwadingeka bazinqobe? Yini eyabahlaba umxhwele lapho beya okokuqala emhlanganweni webandla? Yini abayikhumbulayo ngosuku abaqala ngalo ukuya ensimini? Abanye ebandleni baye babasiza kanjani ukuba bathuthuke ngokomoya?
15 imiz: “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukulungiselela Isethulo.” Ingxoxo. Makube nomboniso omfushane onezingxenye ezimbili. Owokuqala mawube nesingeniso esingacatshangiwe kahle, omunye ube nesingeniso esilungiselelwe kahle. Hlanganisa namaphuzu asemqoka athathwe encwadini ethi ISikole Senkonzo emakhasini 215-219 uma isikhathi sivuma.
INgoma 117 Nomthandazo