Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zomkhankaso Wokumemela Abantu ESikhumbuzweni
“Simema abantu ukuba beze esenzakalweni esibaluleke kakhulu. Ngo-April 14, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizobuthana ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu Kristu futhi zilalele inkulumo yeBhayibheli echaza indlela ukufa kwakhe okusizuzisa ngayo. Lesi simemo sibonisa indawo nesikhathi lo mhlangano ozoqala ngaso endaweni yakithi.”
INqabayokulinda April 1
“Sixoxa kafushane nabantu ngento ethile abantu abaningi abayenzayo. Cishe wonke umuntu, kungakhathaliseki ukuthi usontaphi, uyathandaza. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo, noma ingabe isenza nje sizizwe kangcono ngezinkinga zethu? [Lindela impendulo.] Yizwa ukuthi lithini iBhayibheli ngomthandazo. [Funda eyoku-1 Johane 5:14.] Lo magazini uchaza indlela umthandazo osizuzisa ngayo.”
Phaphama! April
“Silapha ukuze sisize ngenkinga eyinsakavukela. Abanye abantu bacindezelwa izimo zokuphila kangangokuba bacabanga ukuzibulala. Uma umuntu ecindezeleke ngaleyo ndlela, ucabanga ukuthi usuke efuna ukufa ngempela, noma ingabe usuke efuna ukukhululeka ezinkingeni nasekuhluphekeni kwakhe? [Lindela impendulo.] Nasi isithembiso seBhayibheli esiye sasiza abaningi ukuba babe nombono ofanele. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] Lo magazini uchaza izizathu ezintathu zokuba umuntu aqhubeke ephila naphezu kwezinkinga anazo.”