Gcizelelani Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala
Kusukela ngo-May 2011, abamemezeli bakhuthazwa ukuba bazame ukuqala izifundo zeBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala wenyanga ngayinye. Ukuze sikwazi ukwenza kanjalo, kulungiselelwe isihloko esiphuma njalo se-Nqabayokulinda yomphakathi esithi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli.” Ngakho, umhlangano wenkonzo yasensimini oqhutshwa ngoMgqibelo wokuqala kufanele uqokomise indlela lesi sihloko esingasetshenziswa ngayo lapho kuqalwa izifundo zeBhayibheli futhi kufanele kwenziwe umboniso waleyo ntshumayelo.
Abadala bangakhetha ukuba amaqembu enkonzo yasensimini ahlangane ngokwahlukana ngoMgqibelo wokuqala, noma banganquma ukuba wonke amaqembu ahlangane eHholo LoMbuso. Kodwa, uma emaningi amabandla asebenzisa iHholo LoMbuso, akukho bandla okufanele lihlehlisele lolu suku olukhethekile lokuqala izifundo zeBhayibheli kolunye usuku ngenjongo yokuba amaqembu ahlangane aqhube umhlangano wenkonzo yasensimini owodwa.