ISimiso Sesonto Lika-September 2
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 2
INgoma 47 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 13 ¶20-26 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 1-9 (10 imiz.)
No. 1: 1 Korinte 4:18–5:13 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ingabe Umuzwa Ongavamile Wokujwayela Abantu Abasha Ngokuphelele Nezindawo Ubonisa Ukuthi Ukuphindukuzalwa Kuyiqiniso?—rs k. 319 ¶4–k. 321 ¶2 (5 imiz.)
No. 3: Indlela AmaKristu Agcina Ngayo Injabulo Naphezu Kokugula—Fil. 4:6, 7 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-September. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ezingawubuza. Yibe usucela ukusikisela komBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Lingisa Isibonelo SikaBarnaba. Ingxoxo. Cela izilaleli zisho ukuthi ukulingisa isibonelo sikaBarnaba kungasisiza kanjani njengabavangeli.
INgoma 65 Nomthandazo