Young People Ask—What Will I Do With My Life? (Ingxenye 2)
Ohlwini lwezinto eziqukethwe yile-video ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? chofoza ingxenye ethi Interviews, bese ukhetha ethi Sections. Ngemva kokubukela ngayinye yalezi zingxenye ezintathu, sebenzisa imibuzo esesigabeni 2 ukuze ubukeze. Yibe usuchofoza ingxenye ethi Supplementary Material ohlwini lwezinto eziqukethwe yi-video bese ngemva kokubukela izingxoxo ezinhlanu ezenezelwe, usebenzise imibuzo esesigabeni 3 ukuze ubukeze.
Sections—Ukuzinikela ekuphishekeleni izinto eziyize noma kuNkulunkulu: (1) Imiphi imigomo intsha ecindezelwa ukuba iyiphishekele? (2) Incwadi yoku-1 Johane 2:17 ingabasiza kanjani abasebasha ukuba banqume ukuthi ingakanani imfundo yezwe okumelwe bayiphishekele? (3) Kungani kungafanele sivumele ukwesaba kusivimbe ukuba sibhapathizwe? (4) Yiziphi ezinye zezinto eziyosisiza sifanelekele ukubhapathizwa? Ukufunda Ukujabulela Inkonzo Yakho: (5) Kungani abanye bengayijabuleli inkonzo? (6) Yiziphi ezinye zezinto ezingasisiza? (7) Yini abanye abayisaba ngisho nangaphezu kokukhuluma nomuntu abangamazi, futhi ngani? (8) Singakunqoba kanjani ukwesaba esinakho futhi sihlakulele isibindi sokukhuluma? (9) Kungani kubalulekile nokuhlakulela ikhono elithile enkonzweni? Umnyango Ovulekile Wenkonzo: (10) Ukuphayona kusivulela kanjani amathuba amaningi okuthuthuka ngokomoya? (Fil. 3:16) (11) Kungani abanye bengabaza ukungena kulo mnyango wenkonzo? (12) Yiziphi izimiso ezingokomBhalo ezingasisiza sinqobe ukukhathazeka ngokwezimali? (13) Yini abanye abaye bayenza ukuze bazisekele ngokwezimali bebe bephayona? (14) Yini umuntu angayenza uma izimo zingamvumeli ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele?
Supplementary material—Ukubaluleka Kwesifundo Somuntu Siqu: (15) Kungani kubalulekile ukuba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu? Ezinye Izindlela Zokufakaza (esezibizwa ngokuthi ukufakaza obala): (16) Ukuhlanganyela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenkonzo kungayenezela kanjani injabulo yethu? Inkonzo YaseBethel: (17) Iziphi ezinye zezinjabulo ezilethwa yinkonzo yaseBethel? ISikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo: (18) Bazuze kanjani labo abaye baya kulesi sikole (esesibizwa ngokuthi ISikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile)? Ukuqeqeshelwa Ukuba Isithunywa Sevangeli EGileyadi: (19) UPeter noFiona bawulungiselela kanjani umsebenzi wokuba izithunywa zevangeli, futhi bazuza kanjani ngokuya eGileyadi?