Uyokwenzani Ngokuphila Kwakho?
1 Ngezinye izikhathi izingane ziye zibuzwe ukuthi, “Ufuna ukuba yini lapho usukhulile?” Lapho usengumfanyana, ingabe wawuthi ufuna ukuba iphoyisa? uthisha? umbonisi wesifunda? Noma lapho useyintombazanyana, wawuthi ufuna ukuba umdansi? umhlengikazi? isithunywa sevangeli? Njengoba usukhulile, kumelwe uzibuze omunye umbuzo, ‘Ngiyokwenzani ngokuphila kwami?’ Ingabe usukulungele ukwenza isinqumo?
2 Ukuze wenze isinqumo esihle, inhlangano kaJehova yakhipha i-DVD ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? Siza uyibukele, ukucabangele ngokujulile konke ekuqukethe, kuhlanganise nedrama, izingxoxo nokwaziswa okwenezelwe ekuqukethe. Lokho ekuqukethe kuchazwe ebhokisini elithi “Main Menu [Okuphakathi].”
3 Idrama: Njengoba ubukela le drama, cabangela le mibuzo: (1) Bafana ngani oThimothewu, okukhulunywa ngaye emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, no-Andre? (IzE. 16:1; 1 Thim. 4:8; 2 Thim. 1:5) (2) U-Andre wayecindezelwa obani futhi ngayiphi indlela ukuba abe umpetha wokusubatha? (3) Ubani owaba ithonya elakhayo kuThimothewu naku-Andre, futhi ngaziphi izindlela? (2 Thim. 1:1-4; 3:14, 15) (4) Umyalo otholakala kuMathewu 6:24 nakweyabaseFilipi 3:8 wamthinta kanjani u-Andre, futhi ukuthinta kanjani wena?
4 Izigcawu Ezikhethiwe: Ngemva kokuyibukela yonke le drama, phinda izigcawu ezilandelayo, bese uphendula le mibuzo. “Paul and Timothy [UPawulu NoThimothewu]”: Imuphi umyalo wokugcina uPawulu awunika uThimothewu? (2 Thim. 4:5) “Giving Jehovah Your Best [Ukunika UJehova Okungcono Kakhulu]”: Imiphi imigomo engokomoya onayo? “Taking a Stand for Jehovah [Ukukhetha Uhlangothi LukaJehova]”: Injabulo yangempela itholakala kanjani? “Grandmother’s Advice [Iseluleko Sikagogo]”: Yini engalungile ngokufuna ukuba usaziwayo ezweni likaSathane? (Math. 4:9) “No Regrets [Abazisoli]”: Yini ongayithola engakusiza ukuba waneliseke ekuphileni?—IzAga 10:22.
5 Izingxoxo: Njengoba ubukela ingxenye ngayinye kwezilandelayo, yini obona ukuthi ungayenza ukuze unike uJehova okungcono kakhulu? (1) “Dedication to Vain Pursuits or to God? [Ingabe Ngizinikezele Eminakweni Eyize Noma KuNkulunkulu?]” (1 Joh. 2:17) (2) “Learning to Enjoy Your Ministry [Ukufunda Ukujabulela Inkonzo Yakho]” (IHu. 27:14); nethi (3) “An Open Door to Service [Umnyango Ovulekile Oholela Enkonzweni].”—Math. 6:33.
6 Ukuhlaziya Okwenzeka: Ungaphendula? (1) Imiphi imisebenzi lo mzalwane nodade ababeyiphishekela, futhi ngani? (2) Babephumelele kangakanani kuyo? (3) Izinto zaguquka nini ekuphileni kwabo ngabanye? (2 Kor. 5:15) (4) Imiphi imisebenzi engokwasezulwini abayenza esikhundleni semisebenzi yokuqala, futhi kungani babenomuzwa wokuthi abanakukuphishekela kokubili? (5) Ingabe bayazisola ngokushintsha imigomo yabo ekuphileni? (6) Yini abayisho ekusize ngokukhethekile ukuba ucabange ngalokho okufanele ukwenze ngokuphila kwakho?
7 Izingxoxo Ezengeziwe: Kulezi zingxoxo, yini oyifundile ongayenza ukuze uzikhandle ngokugcwele enkonzweni kaJehova? (1) “The Value of Personal Study [Ukubaluleka Kwesifundo Somuntu Siqu],” (2) “Alternative Witnessing [Ezinye Izindlela Zokufakaza],” (3) “Bethel Service [Inkonzo YaseBethel],” (4) “Gilead Missionary Training [Ukuqeqeshelwa Ukuba Isithunywa Sevangeli EGileyadi],” nethi (5) “Ministerial Training School [ISikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo].” Bukeza ingxenye ethi “Index to Published Information on Related Subjects [Izikhombo Zokwaziswa Okunyathelisiwe Ngezihloko Ezihlobene Nalezi],” ufunde okwengeziwe ngalokho onesithakazelo kakhulu kukho.
8 Ingabe usunqumile ukuthi uzokwenzani ngokuphila kwakho? UPawulu wakhuthaza uThimothewu: “Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thim. 4:15) Sikukhuthaza ukuba wenze okufanayo ngalokho okubone nokuzwe kule DVD. Cela uJehova ukuba akusize wenze isinqumo esihlakaniphile esiyokunika injabulo nokwaneliseka kwangempela ekuphileni manje kanye nekusasa elivuzayo nelijabulisayo.
[Ibhokisi ekhasini 4]
MAIN MENU (OKUPHAKATHI)
Play Drama (Dlala Idrama)
Scenes (Ungakhetha ezigcawini ezingu-11)
Interviews (Izingxoxo)
Play All (Zidlale Zonke)
Sections (Ungakhetha ezingxenyeni ezintathu)
Looking Back (Ukuhlaziya Okwenzeka)
Supplementary Material (Ukwaziswa Okwenezelwe)
Supplementary Interviews (Izingxoxo Ezengeziwe)
Index to Published Informa- tion on Related Subjects (Izikhombo Zokwaziswa Okunyathelisiwe Ngezi- hloko Ezihlobene Nalezi)
Subtitles (Amazwi Ahumusha Inkulumo)
Hearing Impaired (Abayizithulu)
None
Ukuze ukhethe, sebenzisa izinkinobho ezithi Next ▶, ◀ Back, nethi Main Menu.