ISimiso Sesonto Lika-October 1
ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 1
INgoma 103 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 27 ¶10-18 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 4-6 (10 imiz.)
No. 1: Daniyeli 4:18-28 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza AmaKristu Eqiniso Agweme Ukusebenzelana Nemimoya (5 imiz.)
No. 3: UNkulunkulu Wazidlulisela Kanjani Iziqondiso Ezincekwini Zakhe Zasemhlabeni Ezikhathini Ezidlule?—rs k. 96 ¶2-3 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Qala Isifundo SeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Enyangeni. Kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo ekuleli khasi, makube nomboniso wokuthi singaqalwa kanjani isifundo seBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-October. Bakhuthaze bonke ukuba babe nengxenye.
15 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo. Bukeza indlela ibandla elisebenze ngayo ngonyaka wenkonzo odlule, ugxile kokuhle okufeziwe futhi uncome lapho kufaneleka khona. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili ababa nokuhlangenwe nakho okuhle. Yisho isici senkonzo esisodwa noma ezimbili ibandla elingathuthukisa kuzo phakathi nonyaka wenkonzo olandelayo, bese unikeza ukusikisela okuwusizo.
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-October. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaze ukuthi kungani omagazini bezobakhanga abantu ensimini yenu. Kusetshenziswa uchungechunge lwezihloko olusekelwe esihlokweni esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, ngemva kwalokho zicele zisikisele nomBhalo ongasetshenziswa. Yenza okufanayo nangochungechunge lwezihloko ze-Phaphama!, uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi walabo magazini. Makube nomboniso wendlela yokuhambisa umagazini ngamunye.
INgoma 85 Nomthandazo