Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda December 1
“Ingabe uyavuma ukuthi abazali abangabodwa ngokuvamile bathwala kanzima kunabazali abashadile? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibacabangele labo ababhekene nalezo zinselele. [Funda iHubo 41:1.] Isihloko esiqala ekhasini 22 siyachaza ukuthi singabacabangela kanjani abazali abangabodwa.”
Phaphama! December
“Abantu abaningi bayabuza ukuthi ‘Uma uNkulunkulu ekhona, kungani engambhubhisi uDeveli?’ Ingabe wake wazibuza lowo mbuzo? [Lindela impendulo.] Isihloko esisemakhasini 10 no-11 sinezimpendulo ezivela eBhayibhelini zale mibuzo. Siyasitshela nokuthi izwe liyoba njani uma uDeveli engasekho.” Funda IsAmbulo 21:3, 4.
INqabayokulinda January 1
“Abantu abaningi bakholelwa ukuthi insimu yase-Edene iyinganekwane. Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi uJesu wakhuluma ngo-Adamu no-Eva njengabantu abangokoqobo? [Lindela impendulo, bese ufunda uMathewu 19:4-6.] Lo magazini uphendula imibuzo evamile ngensimu yase-Edene.”
Phaphama! January
Mbonise isembozo bese ubuza, “Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Lindela impendulo.] ImiBhalo ikhuthaza abantu ukuba baphishekele ukuthula. [Funda uJakobe 3:17.] Khona-ke, kungani inkolo ihlulekile ukuletha ubunye esintwini? Ingabe inkolo iyoke ikulethe ukuthula? Lo magazini unikeza izimpendulo zaleyo mibuzo.”