Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Phakathi no-July amazwe angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika enza kahle kakhulu. IBotswana yaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-1 924 namaphayona avamile angu-147. INamibia yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1 805 futhi kwaqhutshwa inani eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-3 353. ESwazini bafinyelela inani elisha labamemezeli abangu-2 793 (okuyinani lesithathu eliphakeme kulo nyaka wenkonzo), nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-4 058. Abazalwane basesiqhingini esincane i-St Helena bayaqhubeka belondoloza ubuqotho nentshiseko: abamemezeli abangu-108 baye bahlanganyela emsebenzini wokushumayela baqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingu-61 kule nsimu yabo encane nesetshenzwa njalo.