Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/10 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 8/10 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda August 1

“Ucabanga ukuthi yini abantu abayidingayo ukuze bajabule? [Lindela impendulo, bese uvula uMathewu 5:3.] Lawa amazwi nje ambalwa uJesu awasho lapho ekhuluma ngenjabulo. Lesi sihloko siyachaza ukuthi yini esiyifundayo kuJesu ngendlela yokuthola injabulo yangempela.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 16.

Phaphama! August

“Amabhayisikobho amaningi namuhla aveza amademoni, abalumbi nabathakathi. Ingabe ucabanga ukuthi amademoni akhona ngempela? [Lindela impendulo, bese ufunda eyoku-1 Korinte 10:20.] Lesi sihloko sibonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngamademoni nendlela esingazivikela ngayo kuwo.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 20.

INqabayokulinda September 1

Yisho indaba ethile esematheni endaweni, bese uthi: “Wake wazibuza ukuthi kungani abantu benza izinto ezimbi ngale ndlela? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisinika isizathu sethemba. [Funda eyesi-2 Petru 3:13.] Lo magazini ubonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngezimbangela zobubi nokuthi maduze uNkulunkulu uzoziqeda kanjani izenzo ezinjalo.”

Phaphama! September

“Ingabe ucabanga ukuthi omakhalekhukhwini, ama-e-mail, izingosi zengevu nezinye izindlela zesimanje zokuxhumana nabantu ziyasiqeda isizungu noma zisenza sibhebhetheke? [Lindela impendulo.] Nakhu ukusikisela okungasisiza sibhekane nesizungu. [Funda izEnzo 20:35.] Lo magazini unikeza iseluleko esiwusizo esisekelwe eBhayibhelini.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela