Hlala Ukulungele Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli
1. Yini ehilelekile ekufezeni umyalo kaJesu okuMathewu 28:19, 20?
1 UJesu wasinika umyalo wokuba ‘senze abafundi, sibafundise.’ (Math. 28:19, 20) Ngakho-ke, sifuna ukuhlala sikulungele ukuqala izifundo zeBhayibheli ngaso sonke isikhathi, hhayi nje ngosuku lwempelasonto olubekelwe ukucela izifundo zeBhayibheli kuphela. Ukusikisela okulandelayo kungase kube usizo.
2. Obani esingacela kubo isifundo seBhayibheli?
2 Sicele: Uma siqhubeka sicela izifundo zeBhayibheli, ayanda amathuba okuba sizithole. (UmSh. 11:6) Wake wazama yini ukusicela ngokuqondile? Ibandla elithile e-United States lenza umzamo wokukwenza lokhu inyanga yonke. Yeka injabulo eyaba khona lapho liqala izifundo zeBhayibheli ezintsha ezingu-42! Ungaphethi ngokuthi abantu abathakazelayo obahambelayo bayazi ukuthi uqhubela abantu izifundo zeBhayibheli. Uma uphindela ngokuzayo, kungani ungaceli isifundo? Uma bengavumi, awulahlekelwa yilutho. Ungaqhubeka uhlakulela leso sithakazelo. Ingabe usubabuzile omakhelwane bakho, izihlobo, osebenza nabo nezingane ofunda nazo esikoleni ukuthi bangathanda yini ukufunda nawe iBhayibheli? Ungababuza nabantu obaqhubela isifundo seBhayibheli ukuthi banabo yini abangane noma izihlobo ezingakujabulela ukufunda iBhayibheli.
3. Sinaliphi ithuluzi eliwusizo lokuqala izifundo zeBhayibheli, futhi singalisebenzisa kanjani?
3 Ithuluzi Eliwusizo: Ithuluzi eliyigugu lokuqala izifundo zeBhayibheli ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Ungase ulihambisele abaninikhaya kungakhathaliseki ukuthi bayazamukela yini ezinye izincwadi noma cha. Lingasetshenziswa lapho sisebenza insimu yamabhizinisi, senza umsebenzi kamagazini emgwaqweni, sibhala izincwadi nalapho senza izimpindelo. Singalishiya nasemizini okungekho muntu kuyo. Kungani ungaliphathi lapho uhamba ngezinto zokuthutha zomphakathi, lapho uyothenga nalapho uya emsebenzini? Ikhasi lokugcina lithi fahla-fahla ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli bese lethula incwadi Okufundiswa IBhayibheli.
4. Singalisebenzisa kanjani ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso ukuze siqale izifundo?
4 Ngemva kokunika umuntu ipheshana, ungambonisa imibuzo esekhasini lokuqala bese umbuza, “Imuphi kule mibuzo onesithakazelo kakhulu kuwo?” Fundani ndawonye impendulo esepheshaneni, bese ufunda noma ubeka ngamazwi akho okushiwo ikhasi lokugcina, elichaza ilungiselelo lesifundo seBhayibheli. Ungabe usumbonisa ukuthi ukwaziswa okwengeziwe ngaleyo ndaba kutholakalaphi encwadini Okufundisa IBhayibheli, umhambisele yona bese wenza amalungiselelo okubuya uzoqhubeka nengxoxo.
5. Kungani kufanele sihlale sikulungele ukuqala izifundo zeBhayibheli?
5 Insimu yethu isenabo abantu abalangazelela ukufunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Ngokuhlala sikulungele ukuqala izifundo zeBhayibheli, siyoba namathuba engeziwe okuthola injabulo yokusiza abanye bangene endleleni eya ekuphileni.—Math. 7:13, 14.