ISimiso Sesonto Lika-June 28
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 28
INgoma 62 (207)
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cf isahl. 6 ¶19-25 nebhokisi ek. 65
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 3-6
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 90 (129)
5 imiz: Izaziso.
15 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Umagazini Ngo-July. Ingxoxo nezilaleli. Sebenzisa umzuzu noma emibili ubukeze okuqukethwe omagazini. Yibe usukhetha izihloko ezimbili noma ezintathu, ucele izilaleli ukuba zisikisele imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa lapho zethulwa. Makube nomboniso wokuhambisa umagazini ngamunye. Phetha ngomunye umboniso wokuthi isifundo seBhayibheli singaqalwa kanjani lapho kwenziwa impindelo.—Bheka i-km 8/07 k. 3.
15 imiz: Waqeqeshwa Kusukela Ebuntwaneni. Ingxoxo nezilaleli. UThimothewu wayaziwa njengomshumayeli oshisekayo nonekhono. (Fil. 2:20-22) Ngokwezinga elithile, lokhu kwakungenxa yesisekelo esingokomoya asibekelwa unina noninakhulu kusukela esemncane. (2 Thim. 1:5; 3:15) Ukusikisela okulandelayo okungokomBhalo kuzosiza abazali ukuba baqeqeshe izingane zabo zibe abashumayeli abanekhono. (1) Hamba nomntanakho ensimini ngokushesha ngangokunokwenzeka; mqeqeshe ukuba abe nengxenye ngokuvumelana nobudala bakhe nekhono. (IzAga 22:6) (2) Beka isibonelo esihle ngokwenza inkonzo ize kuqala. (Fil. 1:9, 10) (3) Gxilisa uthando nokwazisa ngomsebenzi wokushumayela phakathi noKukhulekela Komkhaya nangezinye izikhathi. (Dut. 6:6, 7) (4) Umbono wakho namazwi akho ngenkonzo makwakhe. (Fil. 3:8; 4:8; 1 Thim. 1:12) (5) Hlanganyelani enkonzweni njalo njengomkhaya, nikwenze umkhuba ukuhlanganyela kuyo. (IzE. 5:41, 42) (6) Zihlanganiseni nabantu abayizikhonzi ezishisekayo. (IzAga 13:20) Cela izilaleli ukuba zisho izinto ezikhethekile abazali abazenza ukuze bazisize zibe nenjabulo futhi ziphumelele enkonzweni.
INgoma 88 (164)