Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/10 k. 1
  • Ingabe Uneso Elihle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uneso Elihle?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Gcina Iso Lakho Lilihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ingabe Iso Lakho “Lihle”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukugcina Ukuphila Kwethu Kulula Kusisiza Sidumise UNkulunkulu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 6/10 k. 1

Ingabe Uneso Elihle?

1. Kusho ukuthini ukuba ‘neso elihle’?

1 Lokho amehlo ethu agxila kukho kuthonya izenzo zethu. Yingakho efaneleka kangaka amazwi kaJesu athi: “Khona-ke, uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya”! (Math. 6:22) Uma sineso “elihle” ngokomoya, ligxila enjongweni eyodwa—ukwenza intando kaNkulunkulu. Sibeka uMbuso kuqala futhi asiphazanyiswa yizinto ezibonakalayo ezingadingekile noma imisebenzi ethikameza inkonzo.

2. Yini engasonta umbono wethu, kodwa yini eyosisiza?

2 Isidingo Sokuzihlola: Umbono wethu ungasontwa yilokho imithombo yezokukhangisa esitshela ukuthi siyakudinga noma lokho abanye abanakho. Ngaphambi kokuba siphishekele okuthile noma sithenge into edinga ukuba sichithe isikhathi esiningi kuyo, imali noma amandla, kungaba kuhle ‘ukubala izindleko’ ngokuzibuza, ‘Ingabe lokhu kuyoyithuthukisa inkonzo yami kuJehova noma kuyoyiphazamisa?’ (Luka 14:28; Fil. 1:9-11) Kuwukuhlakanipha nokuzibuza ngezikhathi ezithile ukuthi singakwenza kanjani ukuphila kwethu kube lula kakhudlwana ukuze senze okwengeziwe enkonzweni.—2 Kor. 13:5; Efe. 5:10.

3. Yini esiyifunda kudade owenza izinguquko ukuze ukuphila kwakhe kube lula?

3 Lapho udade othile eqala ukuba iphayona elivamile, wakhetha ukuqhubeka esebenza nakuba ukubamba itoho kwakuyomnika imali eyanele yokunakekela izidingo zakhe. Ekugcineni waphetha ngokuthi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Kwadingeka ukuba ngidele izinto engizifunayo ukuze nginakekele izidingo zami. Ngaqaphela ukuthi izinto ezibonakalayo ziyaguga futhi ngizokhathala uma ngijahana nazo.” Izimo zakhe zamvumela ukuba enze izinguquko ukuze ukuphila kwakhe kube lula, washintsha nomsebenzi, okwamsiza ukuba aqhubeke esenkonzweni yokuphayona.

4. Kungani kuphuthuma ukuba silondoloze iso elihle manje?

4 Ukuphuthuma kwezikhathi zethu kukwenza kubaluleke kakhulu ukuba silondoloze iso elihle. Usuku ngalunye oludlulayo lusisondeza ekupheleni kwalesi simiso sezinto nasekuqaleni kwezwe elisha likaNkulunkulu. (1 Kor. 7:29, 31) Ngokugxila emsebenzini wokushumayela, singazisindisa thina nalabo abasilalelayo.—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela