Ingabe Ngiyakufanelekela Ukushumayela?
1. Kungani kungafanele sizizwe singakufanelekeli ukushumayela?
1 Uma kwenzeka uzibuza lo mbuzo, ungakhathazeki. Akuyona imfundo noma ikhono elingokwemvelo elimangalisayo elisenza sifaneleke njengezikhonzi. Abanye babafundi bakuqala bachazwa ‘njengabangafundile nabavamile.’ Noma kunjalo, babengabashumayeli bezindaba ezinhle abaphumelelayo ngoba babezimisele ukulandela isibonelo abasibekelwa uJesu.—IzE. 4:13; 1 Pet. 2:21.
2. Yayinaziphi izici eziphawulekayo indlela kaJesu yokufundisa?
2 Indlela UJesu Afundisa Ngayo: Yayilula indlela yakhe yokufundisa, isebenza futhi iqondakala kalula. Imibuzo yakhe, imifanekiso nezethulo ezilula zazithakazelisa izilaleli zakhe. (Math. 6:26) Wabonisa isithakazelo esiqotho kubantu. (Math. 14:14) Ngaphezu kwalokho, uJesu wakhuluma ngokuqiniseka nangegunya, azi ukuthi nguJehova owayemthumile futhi wamnika namandla okufeza isabelo sakhe.—Luka 4:18.
3. Usisiza kanjani uJehova ukuze sifeze inkonzo yethu?
3 UJehova Uyasisiza: UMfundisi wethu Omkhulu usinikeza ukuqeqeshwa esikudingayo ukuze sishumayele izindaba ezinhle ngokuphumelelayo esebenzisa iZwi lakhe nenhlangano. (Isaya 54:13) Ngenxa yokuthi uJehova walondoloza imininingwane yendlela uJesu afundisa ngayo, siyakwazi ukuhlaziya futhi silingise izindlela zakhe. UJehova usinika umoya wakhe ongcwele futhi uyasiqeqesha ngemihlangano yebandla. (Joh. 14:26) Ngaphezu kwalokho, usebenzisa abamemezeli abanokuhlangenwe nakho abangasisiza ukuba siphumelele kakhudlwana.
4. Kungani sinesizathu sokuzizwa sikufanelekela ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye?
4 Sinezizathu eziningi zokuzizwa sikufanelekela ukushumayela, ngoba “ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu.” (2 Kor. 3:5) Njengoba sithembela kuJehova futhi siwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo akhe othando, ‘siyoyifanelekela ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thim. 3:17.