Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/96 k. 1
  • Ubani Ofanelekela Ukushumayela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ofanelekela Ukushumayela?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ngiyakufanelekela Ukushumayela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Masishumayele Lezizindaba Ezinhle ZoMbuso
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • Sihlonyiswé Ngokugcwele Njengabafundisi BeZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 8/96 k. 1

Ubani Ofanelekela Ukushumayela?

1 Wake wazizwa njengoMose ngokuphathelene nenkonzo? Wathi: “Nkosi, angizange ngibe-ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho.” (Eks. 4:10) Uma uzizwa ngaleyo ndlela, ungase uthambekele ekukugwemeni ukushumayela. Nokho, uJesu “wasiyala ukuba sishumayele kubantu futhi sinikeze ubufakazi obuphelele.” (IzE. 10:42) Ngakho sikufanelekela kanjani ukuba abashumayeli bezindaba ezinhle?

2 Akulona izinga lemfundo yethu yezwe elisenza sifanelekele inkonzo. UPawulu wathi “ababaningi ababizwa abahlakaniphile ngendlela engokwenyama” futhi “ukuhlakanipha kwalelizwe kuwubuwula kuNkulunkulu.” (1 Kor. 1:26; 3:19) UJesu wakhetha abaphostoli bakhe esigabeni esiphansi—okungenani abane babo babengabadobi bezinhlanzi. Abaholi benkolo abaqhoshayo babebabheka ngendelelo ‘njengabantu abangafundile nabavamile.’ Behlulelwa ngezindinganiso zezwe, abaphostoli babengakufanelekeli ukushumayela. Nokho, inkulumo kaPetru yobuciko eyanikezwa ngosuku lwePentekoste yashukumisa abangu-3000 ukuba babhapathizwe!—IzE. 2:14, 37-41; 4:13.

3 UJehova Osenza Sifanelekele Ukushumayela: UPawulu wathi: “Ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu.” (2 Kor. 3:5) UJehova, uMthombo wokuhlakanipha, uye wafundisa izigidi ukuba zishumayele iqiniso loMbuso kwabanye. (Isaya 54:13) Impumelelo nezithelo zalomsebenzi kungabonakala kwabangu-338 491 ababhapathizwa ngonyaka odlule ‘njengezincwadi zokutusa’ eziphilayo. (2 Kor. 3:1-3) Sinazo zonke izizathu zokushumayela ngesibindi nangokuqiniseka ngezinto esizifunde kuJehova.

4 Inhlangano kaNkulunkulu iye yaqala isimiso sokuqeqeshela inkonzo somhlaba wonke. NgemiBhalo nangezinhlobonhlobo zezincwadi zokutadisha iBhayibheli, siyafundiswa futhi siqeqeshwe ukuze ‘sikufanelekele ngokugcwele futhi sikuhlomele ngokuphelele’ ukushumayela. (2 Thim. 3:16, 17) Abaningi iye yabahlaba umxhwele imfundo etholakala ezincwadini zeNhlangano. Ngokwesibonelo, umagazini waseSwitzerland wathi: “Ngalé kokholo olushunyayelwa oFakazi BakaJehova kunesayensi yeBhayibheli esezingeni eliphezulu ngokumangalisayo nehlanganisa ulwazi lwendawo yonke.”

5 Singaqiniseka ukuthi uJehova usibheka njengabakufanelekela ngokugcwele ukushumayela ngenxa yesiqondiso esinikezwa emihlanganweni yethu emihlanu yamasonto onke, esimisweni sethu sokufunda nokutadisha iBhayibheli, ekwelulekweni eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, osizweni esilunikezwa abanye abayizikhonzi ezinokuhlangenwe nakho, futhi ngaphezu kwakho konke, nasekusekelweni umoya ongcwele kaJehova. “Sikhuluma . . . yebo, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, sibonwa uNkulunkulu, ngokuhambisana noKristu.”—2 Kor. 2:17.

6 Uma sizuza ngokugcwele ekuqeqeshweni okungokwasezulwini okunikezwa uNkulunkulu ngenhlangano yakhe, asinaso isizathu sokuzigodla noma sokwesaba. Singashumayela kwabanye ngenjabulo, siqiniseka ngokuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yethu.—1 Kor. 3:6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela