Isibonelo Okufanele Sisilandele Ngokuseduze
1 Akungabazeki ukuthi uJesu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Wabekela abafundi bakhe isibonelo esiphelele. Nakuba singenakulifinyelela izinga lokuphelela kwakhe, sikhuthazwa ukuba ‘silandele ezinyathelweni zakhe ngokuseduze.’ (1 Pet. 2:21) Kufanele sibe nesifiso sokuba njengoJesu kakhulu ngangokunokwenzeka, sihlanganyele iqiniso nabanye ngentshiseko.
2 UJesu wayengaphezu kokuba umshumayeli; wayengumfundisi ongenakuqhathaniswa. “Izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe.” (Math. 7:28) Kungani ayephumelela kangaka? Ake sihlolisise ‘ukufundisa kwakhe.’
3 Indlela Esingalandela Ngayo UJesu: UJesu wayefundiswe uYise. (Joh. 8:28) Injongo yakhe kwakuwukudumisa uJehova nokuphakamisa igama laKhe. (Joh. 17:4, 26) Ekushumayeleni kwethu nasekufundiseni, injongo yethu nathi kufanele ibe ukudumisa uJehova ingabi ukudonsela ukunakekela kithi.
4 Yonke into uJesu ayeyifundisa yayisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Njalo wayebhekisela kulokho okulotshwe emiBhalweni ephefumlelwe. (Math. 4:4, 7; 19:4; 22:31) Sifuna ukuqondisa izilaleli zethu eBhayibhelini; ngaleyondlela sizenze zibone ukuthi lokho esikushumayelayo nesikufundisayo kusekelwe egunyeni eliphakeme kunawo wonke.
5 UJesu wayesebenzisa izinkulumo ezimfushane, ezisebenza ezimweni ezingokoqobo, ezingeyona inkimbinkimbi. Ngokwesibonelo, lapho echaza indlela esingazuza ngayo intethelelo kaNkulunkulu, wasikhuthaza ukuba nathi ngokwethu sithethelele abanye. (Math. 6:14, 15) Kufanele sizame ukuchaza isigijimi soMbuso ngamazwi alula, aqondakalayo.
6 UJesu wayeyisebenzisa ngobuciko imifanekiso nemibuzo ukuze ashukumise ukucabanga kwabanye. (Math. 13:34, 35; 22:20-22) Imifanekiso ephathelene nezindaba ezivamile, zansuku zonke ingabasiza abantu ukuba baqonde izimfundiso eziyinkimbinkimbi zeBhayibheli. Kufanele sibuze imibuzo ekhuthaza izilaleli zethu ukuba zicabange ngalokho ezikuzwayo. Imibuzo eholayo ingazisiza ukuba zifinyelele eziphethweni eziqondile.
7 UJesu waba nesikhathi echaza izindaba ezilukhuni kulabo ababefuna ukwaziswa okwengeziwe. Labo ababenesithakazelo ngempela, njengabafundi bakhe, bakwazi ukuthola umqondo walokho uJesu ayekufundisa. (Math. 13:36) Nathi kufanele sibe usizo lapho sibuzwa imibuzo ngobuqotho. Uma singazazi izimpendulo, singacwaninga ngaleyondaba bese sibuya nempendulo kamuva.
8 UJesu wayefundisa ngezenzo. Isibonelo salokhu esokugeza kwakhe izinyawo zabafundi bakhe, ngisho noma ayeyiNkosi yabo. (Joh. 13:2-16) Uma sibonisa umoya wokuzithoba, labo abafundiswayo bayoshukumiseleka ukuba bakusebenzise lokho abakufundayo.
9 UJesu wayethinta izinhliziyo zabantu futhi eshukumisa nothando lwabo ngokulunga. Nathi sifuna ukufinyelela izinhliziyo. Sifuna ukushukumisa isifiso esizalwa naso esikhona kuwo wonke umuntu sokukhulekela umuntu ophakeme nesokuhlala nabanye ngokuthula nangenjabulo.
10 Ngo-December singahlanganyela nabanye izinto esiye sazifunda ngoJesu ngokuhambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ukulingisa kwethu izimfanelo zikaJesu zokufundisa kungashukumisa abantu abaqotho ukuba balalele lapho sichaza lokho akufundisa.—Math. 10:40.