Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/08 k. 4
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 11/08 k. 4

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Nov. 1

“Ucabanga ukuthi ukube abesilisa nabesifazane bebesebenzisa iseluleko seBhayibheli, izibopho zomshado beziyoqina? [Funda uJobe 31:1 bese ulindela impendulo.] Lesi sihloko sixoxa ngezimiso zeBhayibheli ezingasiza abashadile ukuba balondoloze ukuzibophezela emshadweni.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 18.

Phaphama! Nov.

“Abantu abaningi bayavuma ukuthi ingcebo yezinto ezisolwandle iqedwa ngezinga elishaqisayo. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu bayophumelela ekuxazululeni le nkinga? [Lindela impendulo bese ufunda uMathewu 6:10.] Lesi sihloko sihlola ezinye zezizathu zokukhathazeka futhi siqokomisa nekhambi likaNkulunkulu.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 20.

INqabayokulinda Dec. 1

“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngoJesu. Ucabanga ukuthi uJesu ube naliphi ithonya kuwe? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisikhuthaza ukuba silandele isibonelo sakhe. [Funda eyoku-1 Petru 2:21.] Ukwenza kanjalo kungasenza abantu abangcono nabajabulayo. Lo magazini uyachaza ukuthi kungani kunjalo.”

Phaphama! Dec.

“Sekungamakhulu eminyaka abantu bezibuza lo mbuzo. [Mbonise umbuzo osesembozweni.] Ucabanga ukuthi singayitholaphi impendulo enengqondo? [Lindela impendulo.] Qaphela ukuthi kungani singathembela kuNkulunkulu ukuze sithole impendulo. [Funda iHubo 100:3.] Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela