Ungaba Ngumfundisi!
1. Iliphi ilungelo eliyingqayizivele ummemezeli ngamunye woMbuso analo?
1 Esinye sezici ezanelisa kakhulu enkonzweni yethu ukufundisa othile iqiniso. Ukumbona esamukela isigijimi soMbuso nokumsiza ekusondeleni kuMbusi wendawo yonke kuyinto eyigugu kakhulu. (Jak. 4:8) Ukufundisa othile olambele iqiniso nokumbona eqala ukwenza ushintsho oluphawulekayo ebuntwini bakhe, endleleni abheka ngayo izinto, nasekuziphatheni kwakhe kufanele kube umgomo wabo bonke abamemezeli boMbuso.—Math. 28:19, 20.
2. Kungani abanye bengase babe madolonzima ukuqhuba isifundo seBhayibheli, futhi yini engabasiza ukuba bayinqobe le nkinga?
2 Thembela KuJehova: Ezikhathini ezidlule, izinceku ezithembekile zazinomuzwa wokuthi azikufanelekeli ukufeza izabelo ezazizinikiwe. Ukuthembela kuJehova uNkulunkulu kwasiza uMose, uJeremiya, u-Amose nabanye abantu abavamile ukuba banqobe ukungabaza noma ukwesaba ukuze bafeze umsebenzi ophawulekayo. (Eks. 4:10-12; Jer. 1:6, 7; Amose 7:14, 15) Nomphostoli uPawulu ‘waqunga isibindi,’ noma, ngokwezwi nezwi, ‘wenziwa ukuba akhulume.’ Kanjani? Wembula ukuthi lokhu kwenzeka ‘ngosizo lukaNkulunkulu wethu.’ (1 Thes. 2:2) Yebo, sonke singamethemba uJehova ukuthi uzosinika usizo, ukuhlakanipha namandla esiwadingayo ukuze siqhube izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo.—Isaya 41:10; 1 Kor. 1:26, 27; 1 Pet. 4:11.
3, 4. Ikuphi ukuqeqeshwa okukhona kokusisiza lapho sifundisa iZwi likaNkulunkulu?
3 Yamukela Ukuqeqeshwa: UMfundisi wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, usiqeqesha ngesimiso sasikhathi sonke semfundo engokomoya ukuze sikwazi ukuba abafundisi abafaneleka ngokugcwele. (Isaya 54:13; 2 Thim. 3:16, 17) Yamukela lokhu kuqeqeshwa ngokuwasebenzisa ngokugcwele amathuba ukuze uthuthukise indlela oqonda ngayo imiBhalo nekhono lakho lokufundisa amaqiniso eBhayibheli. Nakuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo kuhlelelwe lokhu ngokukhethekile, yonke imihlangano yebandla iyasiqeqesha ukuba sifundise ngeZwi likaNkulunkulu.
4 Lwela ukufunda izindlela ezilula zokufundisa ngisho namaqiniso angokomoya ajulile. Incwadi ethi ISikole Senkonzo, ekhasini 227, iyachaza: “Kumelwe wena ngokwakho uyiqonde indaba ukuze uyenze iqondakale kwabanye.” Ukuphendula emihlanganweni kusisiza ukuba sigxilise ezingqondweni zethu amaphuzu asemqoka ukuze siwasebenzise esikhathini esizayo. Ngakho lungiselela kahle, futhi ukulethemba ikhono lakho lokufundisa kuyokhula.
5. Ikuphi ukuqeqeshwa okwengeziwe esinakho ebandleni okungasisiza sibe abafundisi abathuthukayo?
5 Akungabazeki ukuthi zisuka nje izikhonzi ezingamaKristu zazifunda komunye nomunye lapho zisemsebenzini wokwenza abafundi. (Luka 10:1) Uma kungenzeka, hamba nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho, kuhlanganise amaphayona, abadala, nababonisi abajikelezayo emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Phawula indlela abasebenzisa ngayo imifanekiso elula nezinye izinsiza-kufundisa ezitholakala ezincwadini zethu zokufundisa ukuze bachaze amaqiniso emiBhalo. Bacele ukuba basikisele izindlela ongathuthuka ngazo ube umfundisi ongcono. (IzAga 1:5; 27:17) Kwazise ukuqeqeshwa okunjalo—njengokuvela kuNkulunkulu.—2 Kor. 3:5.
6. Yini edingeka ngokuyinhloko ukuze ube umfundisi weZwi likaNkulunkulu?
6 Thembela kuJehova, futhi uzuze ekuqeqeshweni akunikezayo. Thandazela intuthuko yakho. (IHu. 25:4, 5) Nawe ungathola injabulo yokusiza othile ukuba afane nawe, abe umfundisi weZwi likaNkulunkulu!