Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Nov. 15
“Njengoba kunenkohlakalo engaka emhlabeni, abanye bayazibuza, ‘Kungani mina kufanele ngilwele ukwenza okulungile?’ Wake wazizwa yini ngaleyo ndlela nawe? [Lindela impendulo.] Ake uzwe la mazwi ayisikhuthazo. [Funda izAga 2:21, 22.] Lo magazini uchaza isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuba qotho.”
Phaphama! Nov.
“Abanye banomuzwa wokuthi nguNkulunkulu owenza zonke izinto. Lapho kugadla usizi, baye bathi kumelwe ukuba uNkulunkulu unesizathu esizwakalayo sokulubangela. Wena ucabangani? [Lindela impendulo bese ufunda uJakobe 1:13.] Lo magazini ukhuluma ngalokho okushiwo iBhayibheli ngembangela yokuhlupheka nalokho uNkulunkulu akwenzayo ukuze akuqede.”
INqabayokulinda Dec. 1
“Ucabanga ukuthi lesi siprofetho seBhayibheli siyagcwaliseka namuhla? [Funda uMathewu 24:11 bese ulindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngezimfundiso ezithile esezithandwa kakhulu. Uchaza nendlela esingakugwema ngayo ukukhohliswa abafundisi bamanga.”
Phaphama! Dec.
“Ubungathi ubani umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila? [Lindela impendulo.] Abaningi babheka uJesu njengomuntu omkhulu kakhulu. Ake uzwe ukuthi yini ayoyenza emhlabeni lapho esenguMbusi woMbuso kaNkulunkulu. [Mbonise isithombe emakhasini 8-9, bese ufunda eminye yemiBhalo elapho.] Lo magazini ubonisa indlela uJesu ayokwenza ngayo lokhu nokuthi uyokwenza nini.”