Yibani Ngababongayo
1 Lapho uJesu ephulukisa abantu abayishumi ababenochoko, munye kuphela owabonga. UJesu wabuza: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abayisishiyagalolunye?” (Luka 17:11-19) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sibe nokwazisa futhi sibe ababongayo ngazo zonke izipho ezinhle neziphelele esiziphiwa uBaba wethu wasezulwini onothando futhi ophanayo, uJehova uNkulunkulu!—Kol. 3:15; Jak. 1:17.
2 Yiziphi ezinye izinto okufanele sibonge ngazo? Siyasazisa isihlengo, isipho sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke azipha isintu. (Joh. 3:16) Siyambonga kakhulu uJehova nangokusisondeza kuye. (Joh. 6:44) Ubunye bethu bobuKristu bungesinye sezizathu zokuba ababongayo. (IHu. 133:1-3) Akungabazeki ukuthi ziningi ezinye izipho ezivela kuJehova ongazicabanga. Besingenakufuna nakancane ukufana nama-Israyeli angabongiyo, akhohlwa yimisebenzi uJehova ayewenzele yona!—IHu. 106:12, 13.
3 Yiba Ngobongayo: Nakuba bonke laba ababenochoko kungenzeka ukuthi babekwazisa lokho uJesu ayebenzele kona, munye kuphela owabonga. (Luka 17:15) Ngokufanayo, sibonisa ukwazisa ngokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni. Uma simbonga ngempela uBaba wethu wasezulwini ngalokho asenzele kona, izinhliziyo zethu ziyoshukumiseleka ukuba zilingise uthando lwakhe nokuphana ngokutshela abanye ngaye. (Luka 6:45) Futhi ngenxa yalokho, njengoba sitshela abanye ‘ngemisebenzi yakhe emangalisayo nangemicabango yakhe ngathi,’ uthando lwethu nokwazisa ngoJehova kuyokhula.—IHu. 40:5.
4 Khuthaza Abanye Ukuba Babe Nokwazisa: Kufanele sikukhakhalele ukusiza izingane zethu nesifunda nabo iBhayibheli ukuba bahlakulele ukwazisa. Abazali banamathuba amaningi okwenza lokhu, njengalapho bejabulela indalo kaJehova nezingane zabo. (Roma 1:20) Lapho siqhuba isifundo seBhayibheli singase sibuze esifunda naye, “Kusitshelani lokhu ngohlobo lomuntu uJehova ayilo?” Njengoba ukwazisa kwalowo ofunda naye kukhula, uthando lwakhe ngoNkulunkulu nokuzimisela ukumjabulisa kuyokhula.
5 Phakathi nalezi zinsuku zokugcina, abaningi abanakho ukwazisa nokubonga. (2 Thim. 3:1, 2) Yeka ukuthi kumjabulisa kanjani uJehova ukubona izikhonzi zakhe ezizinikele zibonisa ukubonga ngentshiseko yazo enkonzweni!—Jak. 1:22-25.