Umkhankaso Wokushumayela Omkhulu Kunayo Yonke Eyake Yaba Khona Emhlabeni!
Sekuyiminyaka engaphezu kwekhulu oFakazi BakaJehova behlanganyela nabanye izindaba ezinhle. (1 Kor. 9:23) Kulo mkhankaso wokushumayela omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona emhlabeni, lo myalezo siwukhuluma ngamakhulu ezilimi. Siwusakaza emazweni angaphezu kuka-235. (Math. 24:14) Kodwa kungani kufanele wenziwe lo msebenzi? Futhi ufezwa kanjani emhlabeni wonke?
I-video ethi Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News iyayiphendula le mibuzo ngokubonisa izingxenye eziningi zalo msebenzi wethu womhlaba wonke. Njengoba uyibuka, cabanga ngale mibuzo: (1) Uhlelwe futhi uqondiswa kanjani umsebenzi wethu? (2) UMnyango Wokubhala, uMnyango We-Translation Services, noMnyango We-Art and Audio/Video Services inaliphi iqhaza ekusakazweni kwezindaba ezinhle? (3) Iyini injongo yemisebenzi emikhulu yokunyathelisa nokuthumela izincwadi? (Joh. 17:3) (4) Zingaki izincwadi ezinyatheliswayo ngonyaka? (5) Yini efezwe yizincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini? (Heb. 4:12) (6) Yini eyenziwayo ukuze basizwe ngokomoya labo abayizimpumputhe noma izithulu? (7) Usekelwa kanjani ngokwezimali umsebenzi wethu? (8) Sizuza kanjani emsebenzini owenziwa i-Hospital Information Services, uMnyango Wenkonzo, noMnyango Wemihlangano? (9) Njengomunye woFakazi BakaJehova le video ikuthuthukise kanjani ukwazisa kwakho (a) ngomzamo owenziwa inhlangano kaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle? (b) ngemikhaya yaseBethel engaphezu kwekhulu emhlabeni wonke? (c) ngokuqeqeshwa kwababonisi nezithunywa zevangeli? (d) ngokubaluleka kokuqala usuku ngalunye ngokuhlola umBhalo nokulungiselela imihlangano yebandla yesonto ngalinye? (e) ngezinzuzo zokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu? (f) ngezinzuzo zePharadesi emhlabeni? (Isaya 11:9) (g) ngokuhlanganyela komuntu siqu emsebenzini wokuvuna oqhubekayo?—Joh. 4:35.
Yikuphi ukusabela okuhle okubonile lapho le video uyibonisa izihlobo, abantu obajwayele, izimpindelo kanye nalabo ofunda nabo iBhayibheli? Kungani ungayibuki nothile bese uhlanganyela naye izindaba ezinhle ngokushesha?—Math. 28:19, 20.