Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda
UJehova uyakufanelekela ukukhazinyuliswa. Simkhazimulisa kanjani? Yiziphi izinselele abanye ababhekana nazo kule ndaba? Bathola ziphi izibusiso labo abakhazimulisa uNkulunkulu manje? Isimiso somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2008 siyosinikeza izimpendulo ezanelisayo kule mibuzo. Sinesihloko esithi “Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu.” (1 Kor. 10:31) Ake ucabange ukuthi silindelwe yini kulezo zinsuku ezimbili ezizayo ezicebe ngemfundo engokomoya.
Umbonisi wesigodi uyoxoxa ngesihloko esithi “Kungani Kumelwe Sikhazimulise uNkulunkulu?” nesithi “Yiba Isibonelo Ngokufinyelela Izimfuneko ZikaNkulunkulu.” Uyonikeza nenkulumo yeningi ethi, “Obani Abakhazimulisa UNkulunkulu?,” futhi inkulumo yakhe yokuphetha iyothi “Ukukhazimulisa UNkulunkulu Ngobunye Emhlabeni Wonke.” Uyoqhuba neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Umbonisi wesifunda uyoxoxa ngezihloko ezithi “Jabula Ngokubonakalisa Inkazimulo KaNkulunkulu,” “Ukunakekela Izidingo Zesifunda,” nesithi “Yimani ‘Niqinile Eqinisweni,’” esisekelwe kweyesi-2 Petru 1:12. Ngaphezu kwalokho, siyothola ukuthi “Inkonzo Yamaphayona Ikhazimulisa UNkulunkulu” ngayiphi indlela. Isihloko esithi “Ukukhazimulisa UNkulunkulu Kuzo Zonke Izici Zokuphila Kwethu,” okungesokuqala ezinkulumweni ezimbili ezishukumisa ingqondo eziwuchungechunge, siyohlola ukujula kwencazelo yamazwi aphefumulelwe atholakala kweyoku-1 Korinte 10:31. Uchungechunge oluthi “Ukunikela Inkonzo Engcwele Ukuze Sidumise UJehova,” luyoxoxa ngezici ezihlukahlukene zokukhulekela kwethu. NgeSonto siyojabulela ukubukezwa kwe-Nqabayokulinda nengxoxo yetekisi losuku. Kuyoba khona nethuba lokubhapathizwa.
Iningi lesintu liyenqaba ukuqaphela uNkulunkulu. Abaningi baphazanyiswa kakhulu amacebo abantu, ngakho abacabangi ngobuhle bukaJehova. (Joh. 5:44) Kodwa thina siyaqiniseka ngokubaluleka kokuchitha isikhathi sicabangela ukuthi ‘Zonke Izinto Singazenzela Inkazimulo KaNkulunkulu’ ngayiphi indlela. Hlela ukuba khona futhi uzuze ngokugcwele kuzo zonke izingxenye ezine zesimiso.