Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 27, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 2 kuya ku-August 27, 2007.
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abantu enkonzweni yethu nasebandleni? [be-ZU k. 192 izig. 2-4]
2. Yini ebalulekile uma sifuna ukubonisa ukuthi siyaqiniseka ngesikushoyo? [be-ZU k. 196 izig. 1-3]
3. Ikuphi ukusikisela okungasisiza ukuba sibe nekhono lokungacunuli lapho sishumayeza abantu? [be-ZU k. 198 izig. 1-5]
4. Ukuba nekhono lokungacunuli kuhlobene kanjani nokubona ukuthi sinini isikhathi esifanele sokukhuluma lapho sishumayela kubantu? (IzAga 25:11) [be-ZU k. 199 izig. 1-3]
5. Singazigcina kanjani izinkulumo zethu zakha? [be-ZU k. 203 isig. 3–k. 204 isig. 1]
ISABELO NO. 1
6. Yini engase ishiwo ngendlela kaHezekeli yokubhala kuhlanganise nokuba yiqiniso kwencwadi yakhe? [si-ZU k. 133 isig. 3]
7. Iyiphi imfanelo esemqoka okufanele umuntu abe nayo ukuze akhuthazelele ukungaphathwa ngobulungisa? [w05-ZU 6/1 k. 29 isig. 4]
8. Yini esiyifunda endleleni uJesu abaphendula ngayo abaSadusi ababembuza ngovuko? (Luka 20:37, 38) [be-ZU k. 66 isig. 4]
9. Lapho umuntu ofundelwa iBhayibheli noma esikholwa naye ebuza ukuthi kufanele enzeni esimweni esithile, kufanele simphendule kanjani? [be-ZU k. 69 izig. 4-5]
10. Yini ehilelekile ‘ekwenziweni basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu’? (Efe. 4:23) [be-ZU k. 74 isig. 4]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Encwadini kaHezekeli 9:2-4, indoda embethe ilineni imelela bani, futhi lubonisani “uphawu emabunzini”? [w88-ZU 9/15 k. 14 isig. 18]
12. Abaholi benkolo beLobukholwa bafana kanjani ‘nabaprofethi abayiziphukuphuku, abahamba belandela owabo umoya,’ abachazwe encwadini kaHezekeli 13:3? [w99-ZU 10/1 k. 13]
13. Lapho esho ‘isaga’ esikuHezekeli 18:2, yini ama-Israyeli ayezama ukuyenza, futhi isiphi isifundo esibalulekile esigcizelelwayo esikhuluma ngokulandisa kuNkulunkulu? [w88-ZU 9/15 k. 18 isig. 10]
14. Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi uHezekeli waba “yisimungulu” ngesikhathi sokuvinjezelwa nokubhujiswa kweJerusalema? (Hez. 24:27; 33:22) [w03-ZU 12/1 k. 29]
15. Ngubani ‘uGogi wezwe lakwaMagogi,’ futhi usithatha nini isinyathelo sokubhubhisa abantu bakaJehova? (Hez. 38:2, 16) [w97-ZU 3/1 k. 14 isig. 1–k. 15 isig. 3]