Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
Singakwazi kanjani ukumelana ngokuqinile nalabo abakuphikisa ngonya ukukhulekela kweqiniso? Singawanqoba kanjani amathonya aphikelelayo azama ukusidonsela emuva ezweni elingamhloniphi uNkulunkulu? Isimiso somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-2009 siyoyiphendula le mibuzo ebalulekile. Sinesihloko esithi “Qhubeka Unqoba Okubi Ngokuhle.” (Roma 12:21) Ake ucabange ngalokho esiyobe sikuqukethe.
Umbonisi wesigodi uyonikeza lezi nkulumo, “Ukuqiniselwa Ukunqoba Okubi Ngokuhle,” “Qaphela Ukuzethemba Ngokweqile!,” “Bonke Ububi Buzophela Maduze!,” nethi “Ukuqinisa Ukholo Lwethu Ukuze Sinqobe Izwe.” Umbonisi wesifunda uyosethulela isihloko esisekelwe kweyabaseRoma 13:11-13, esithi “Manje Inkathi Yokuba Sihlale Siphapheme!,” nesithi “Ungazibonisi Udangele Ngosuku Losizi,” esisekelwe kuzAga 24:10. Sibheke phambili nasenkulumweni yombonisi wesifunda ethi “Ukunakekela Izidingo Zesifunda.” Enye inkulumo ekhuthaza kakhulu iyobe inesihloko esithi “Ungaba Yini ‘Kule Nkonzo’—Ngokuphayona?” Uchungechunge lokuqala lunesihloko esithi “Melanani Ngokuqinile Nezenzo ZikaDeveli Zobuqili.” Luyosisiza ukuba sibone futhi senqabe amaqhinga kaDeveli anobuqili emkhakheni wezobuchwepheshe, wezokuzijabulisa nakwezemfundo. Uchungechunge oluthi “Zuza Amandla Okumelana NoSathane Kulolu Suku Olubi” luyosibonisa indlela esingasisebenzisa ngayo ngokugcwele iseluleko esitholakala kweyabase-Efesu 6:10-18.
Kunokuhlobana okuqondile phakathi kokunqoba umnyombo wobubi nokushumayela isigijimi soMbuso. (IsAm. 12:17) Yingakho uSathane engaphezi ukuhlasela oFakazi BakaJehova! (Isaya 43:10, 12) Kodwa uDeveli uyohluleka ngokuphelele ngoba sizimisele ‘ukuqhubeka sinqoba okubi ngokuhle.’ Yenza amalungiselelo aqinisekile okuzuza ngokugcwele kuzo zonke izingxenye ezine zalo mhlangano wesifunda.