Qhubeka ‘Uthela Izithelo Eziningi’
1 Esebenzisa imifanekiso, uJesu wazifanisa nomvini weqiniso, uYise noMlimi, kanti abalandeli bakhe abagcotshwe ngomoya ongcwele wabafanisa namagatsha omvini. Echaza umsebenzi woMlimi ongokomfanekiso, uJesu wagcizelela ukubaluleka kokuhlala emvinini, unamathele kuwo ngokuqinile. (Joh. 15:1-4) Isifundo siwukuthi wonke umuntu onobuhlobo obuseduze noJehova kumelwe afane negatsha elithelayo ‘lomvini weqiniso,’ uJesu Kristu. Kumelwe siqhubeke sithela kakhulu ‘izithelo zomoya’ nezoMbuso.—Gal. 5:22, 23; Math. 24:14; 28:19, 20.
2 Izithelo Zomoya: Intuthuko yethu engokomoya ingalinganiswa ikakhulu ngezinga esibonakalisa ngalo izithelo zomoya. Ingabe usebenzela ekuhlakuleleni izithelo zomoya kaNkulunkulu ngokutadisha nokuzindla njalo ngeZwi likaNkulunkulu? (Fil. 1:9-11) Unganqikazi ukuthandazela umoya ongcwele, ongakusiza ukuba ubonakalise izimfanelo ezikhazimulisa uJehova futhi uqhubeke uthuthuka ngokomoya.—Luka 11:13; Joh. 13:35.
3 Ukuhlakulela izithelo zomoya kuyosisiza futhi ukuba sibe izikhonzi ezinentshiseko ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, uthando nokholo lusishukumisela ukuba sihlele isikhathi sokuhlanganyela njalo enkonzweni nakuba simatasa. Izimfanelo ezinjengokuthula, ukubekezela, umusa, ubumnene nokuzithiba zisisiza ukuba sisabele kahle lapho sibhekene nabaphikisi. Injabulo isenza sikwazi ukuthola ukwaneliseka enkonzweni ngisho noma abantu bengalaleli.
4 Izithelo ZoMbuso: Sifuna nokuthela izithelo zoMbuso. Lokhu kuhlanganisa nokunikela “umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama [likaJehova].” (Heb. 13:15) Lokhu sikwenza ngokumemezela izindaba ezinhle ngentshiseko nangobuqotho. Ingabe uphishekela ukuthela izithelo zoMbuso ngokuthuthukisa inkonzo yakho?
5 UJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe abathembekile babeyothela izithelo ngesilinganiso esingafani. (Math. 13:23) Ngakho-ke, akufanele siziqhathanise nabanye kodwa kumelwe sinikele ngakho konke okungcono esinakho kuJehova. (Gal. 6:4) Ukuhlola ngobuqotho izimo zethu ngabanye ngeZwi likaNkulunkulu kuyosisiza ukuba siqhubeke sidumisa uJehova ‘ngokuthela izithelo eziningi.’—Joh. 15:8.