ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 11
INgoma 153
10 imiz: Izaziso zebandla. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 15 ne-Phaphama! ka-June.
15 imiz: Sihlonyiswé Ngokugcwele Njengabafundisi BeZwi LikaNkulunkulu. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2002, amakhasi 24-8. Amanye amaKristu ayazindela ukucela ukuqhubela abantu abathakazelayo izifundo zeBhayibheli ngoba anomuzwa wokuthi awakufanelekeli ukuziqhuba. Nokho, uJehova usenza sifanelekele ukuba yizikhonzi ngeZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele nenhlangano yakhe. Injongo yethu ayikona ukuhambisa izincwadi nje kuphela. Kufanele siphishekele ukufundisa abantu. (Math. 28:19, 20) Khuthaza abamemezeli ukuba bahlale benomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli.
20 imiz: Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, isahluko 13.
INgoma 144 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 18
INgoma 217
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: Ingabe Uyakhumbula? Ingxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 2007, ikhasi 19.
20 imiz: “Siyajabula Ngokuzikhandla Enkonzweni KaJehova!”a Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 82 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 25
INgoma 15
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ungangena Yini ‘Emnyango Omkhulu Oholela Emsebenzini’?”b Xoxa kafushane nephayona elivamile elilodwa noma amabili. Yiluphi ushintsho alwenza ukuze abe amaphayona avamile? Yiziphi izibusiso aye azijabulela?
INgoma 138 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 2
INgoma 208
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-June. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-July, bese uba nomboniso wokuhanjiswa kwayo.
15 imiz: Ukufakaza Ngokwethukela Kuyindlela Ebalulekile Yokushumayela Izindaba Ezinhle. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 101-2. Sikisela ezinye izindlela eziwusizo zokushumayela ngokwethukela. Cela izilaleli zilandise izinto ezikhuthazayo ezahlangabezana nazo lapho zishumayela ngokwethukela.
20 imiz: “Qhubekani ‘Nithela Izithelo Eziningi’”c Lapho nicabangela isigaba 4, hlanganisa nokwashiwo ebhokisini elinesihloko esithi “Indlela ‘Yokuthela Izithelo Ngokukhuthazela,’” kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2003, ikhasi 21.
INgoma 69 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.