Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/06 k. 1
  • Ungaphelelwa Uthando Owawunalo Ekuqaleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaphelelwa Uthando Owawunalo Ekuqaleni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaluvumeli Uthando Lwakho Luphole
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Lokho Okushiwo Ukuthanda Umakhelwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • “Kumelwe Uthande UJehova UNkulunkulu Wakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Mawakhiwe Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 12/06 k. 1

Ungaphelelwa Uthando Owawunalo Ekuqaleni

1 UJesu okhazinyulisiwe weluleka ibandla lase-Efesu langekhulu lokuqala: “Nginalokhu ngawe, ukuthi awusenalo uthando owawunalo ekuqaleni.” (IsAm. 2:4) Kubonakala sengathi abaningi babengasenalo uthando ababenalo ekuqaleni ngoJehova. Lapho sisafunda iqiniso, saqala ukuba nothando oluqinile ngoNkulunkulu nomakhelwane, futhi lokhu kwasishukumisela ukuba sishisekele ukwazisa abanye ngethemba lethu esasisanda kulithola. Yini engavimbela ukuba singaphelelwa uthando nentshiseko esasinayo ekuqaleni enkonzweni?

2 Isifundo Somuntu Siqu Nokuba Khona Emihlanganweni: Yini eyasenza ukuba sithande uNkulunkulu nomakhelwane lapho siqala ukufunda iqiniso? Akukona yini konke lokho esakufunda ngoJehova ngesikhathi sitadisha imiBhalo? (1 Joh. 4:16, 19) Khona-ke, ukuze uthando lwethu ‘luvame kakhulu,’ kumelwe siqhubeke singenisa ulwazi olunembile, simba ‘ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.’—Fil. 1:9-11; 1 Kor. 2:10.

3 Ukulondoloza isimiso esihle sesifundo somuntu siqu kungaba inselele yangempela kulezi zinsuku zokugcina ezigcwele izinkathazo neziphazamiso. (2 Thim. 3:1) Esimisweni sethu kumelwe sibekele eceleni isikhathi sokudla ukudla okungokomoya. Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla nako kubalulekile, ikakhulu njengoba ‘sibona usuku lusondela.’—Heb. 10:24, 25.

4 Inkonzo: Ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni kusisiza ukuba silondoloze uthando esasinalo ekuqaleni ngoNkulunkulu. Njengoba sishumayela izindaba ezinhle, sizikhumbuza ngezithembiso zikaJehova zothando, futhi lokhu kusisiza ukuba sihlale sinethemba eliqhakazile nothando oluphilayo. Ukufundisa amaqiniso eBhayibheli kudinga ukuba sicwaninge ukuze siwaqonde ngokucacile, futhi lokhu kuqinisa ukholo lwethu.—1 Thim. 4:15, 16.

5 UJehova ukufanelekela konke, ngisho nothando lwethu. (IsAm. 4:11) Ungaluvumeli uthando lwakho ukuba luphele. Gcina uthando owawunalo ekuqaleni luqinile ngokukhuthalela isifundo somuntu siqu, ngokuba khona njalo emihlanganweni nangokushisekela ukumemezela kwabanye izinto eziyigugu kuwe.—Roma 10:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela