Bonisa Isithakazelo Kubantu—Ngokuba Oqaphelisisayo
1 UJehova uNkulunkulu noKristu Jesu abeve beziqaphela izidingo ezikhethekile zabantu bese bebasiza. (2 IziKr. 16:9; Marku 6:34) Lapho sibona ukuthi abantu esibathola enkonzweni yethu bathandani futhi bakhathazwa yini, singase sikwazi ukufanelanisa indlela esethula ngayo izindaba ezinhle nalokho.
2 Nakisisa: UJesu wayeqaphelisisa. (Marku 12:41-43; Luka 19:1-6) Ngokufanayo, lapho singena emzini womuntu bese sibona imihlobiso yenkolo, iziqubulo ezimotweni, noma amathoyizi egcekeni, singase sikwazi ukwakha amathuba okushumayela izindaba ezinhle ngendlela ephumelelayo.
3 Isimo sobuso bomuntu nezenzo zakhe kungase kusitshele okuthile ngemizwa yakhe. (IzAga 15:13) Mhlawumbe udinga induduzo ngenxa yokushonelwa umuntu amthandayo noma olunye usizi. Ukuxoxa naye ngemiBhalo efanelekayo kungase kumduduze. (IzAga 16:24) Ingabe umninikhaya simfica esendleleni ephuthuma noma ephethe ingane ekhalayo? Uma kunjalo, kungase kube ngcono ukuhlela ukubuya ngesinye isikhathi. Ngokuba abacabangelayo ‘nangokubonisa ukuzwelana’ naye, singase simshukumisele ukuba alalele lapho sibuya.—1 Pet. 3:8.
4 Fanelanisa Okushoyo Nesimo: Umphostoli uPawulu waphawula ukuthi umuzi wase-Athene wawune-altare elinikezelwe “Kunkulunkulu Ongaziwa.” Lokhu kwathonya indlela ethula ngayo izindaba ezinhle, ngoba wathi: “Lokho enizinikele kukho ngokungazi, yikho engikumemezela kini.” Ukwethula kukaPawulu izindaba ezinhle ngesu kwashukumisela abanye kwababekhona ukuba bacabange ngesigijimi soMbuso futhi babe amakholwa.—IzE. 17:23, 34.
5 Ngokufanayo, ukuqaphelisisa kuyasisiza sibone izinto umuntu azithandayo, kanjalo sikwazi ukufanelanisa intshumayelo yethu nezimo zakhe. Sebenzisa imibuzo engase yenze umninikhaya aveze akucabangayo. Cabanga ngemiBhalo engase ikhulise isithakazelo sakhe. (IzAga 20:5) Ukuqaphelisisa nokubonisa isithakazelo esiqotho kwabanye kuyosisiza sixoxe nabo ngezindaba ezinhle ngobuhlakani.