ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-November 14
INgoma 220
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yenu), makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-November 15 ne-Phaphama! ka-December 8. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo ezifanelekayo. Embonisweni ngamunye, makuboniswe indlela yokuphendula umuntu ovimba ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo enkolweni.”—Bheka incwadi Ukubonisana, kk. 16-17.
15 imiz: Iminikelo Ethokozisa Inhliziyo KaNkulunkulu. Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2005, amakhasi 26-30.
20 imiz: “Memezela Inkazimulo KaJehova.”a Lapho nixoxa ngesigaba 4, cela izilaleli ukuba zilandise kafushane okuhlangenwe nakho okubonisa indlela ukuziphatha okuhle okungavula ngayo amathuba okunikeza ubufakazi.
INgoma 24 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 21
INgoma 40
10 imiz: Izaziso zebandla. Tusa bonke ababe nengxenye emkhankasweni wensimu engabelwe. Yisho okwafezwa futhi ulandise noma ikuphi okuhlangenwe nakho okukhuthazayo.
20 imiz: Ukwenza UJehova Abe UNkulunkulu Wakho. Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 2005, amakhasi 25-8. Bonisa indlela esingazisebenzisa ngayo izifundo ezitholakala esibonelweni sika-Abrahama, uDavide nesika-Eliya.
15 imiz: “Bonisa Isithakazelo Kubantu—Ngokuba Oqaphelisisayo.”b Hlanganisa nomboniso wommemezeli oqaphelisisa okuthile okubonisa izinto ezithandwa umninikhaya abese evumelanisa akushoyo nezimo zomninikhaya.
INgoma 67 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 28
INgoma 7
12 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali namazwi avela eNhlanganweni okubonga iminikelo. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini yango-November. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yenu), makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-December 1 ne-Phaphama! ka-December 8. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo ezifanelekayo. Chaza nelungiselelo lomnikelo.
15 imiz: “Singasiza Ngani?” Inkulumo. Nikeza izibonelo ezimbalwa zemizamo yezinceku zikaJehova ukuze zisize ezikholwa nabo abaludinga kakhulu usizo. (Bheka i-Phaphama! ka-August 8, 2003, kk. 10-15; ka-December 8, 2002, kk. 13-18; neka-October 22, 2001, kk. 23-7. Kungasetshenziswa nezinye izikhombo.) Yibe usuxoxa ngamaphuzu ayinhloko asesihlokweni esisekhasini 3 kule Nkonzo Yethu YoMbuso. Gcizelela ukuthi uma noma ubani efisa ukwenza umnikelo wokusiza abehlelwe izinhlekelele, kutuswa ukuba awufake kowomsebenzi womhlaba wonke.
18 imiz: Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngo-December. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Ngemizuzu emihlanu yokuqala yenkulumo, bukeza kafushane la maphuzu alandelayo asesihlokweni esithi “Indlela Yokusebenzisa Izintshumayelo Eziyizibonelo,” esitholakala ekhasini 8 kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005: (1) Ngokuvamile siyophumelela kakhudlwana uma izintshumayelo sizibeka ngawethu amazwi. (2) Kumelwe sisebenzise ukwahlulela okuhle, sivumelanise izintshumayelo zethu nalokho okwamukelekayo endaweni. (3) Kudingeka sicabangele isizinda nokucabanga kwabantu abasensimini yethu. (4) Kufanele sifunde ngokucophelela isahluko esihlela ukusikhulumela, sibheke amaphuzu angase avuse isithakazelo. (5) Asibophekile ukuba sisebenzise kuphela izintshumayelo ezihlelwe kulezi zintshumayelo eziyizibonelo. Ngemva kwalokho makuxoxwe ngendlela yokusebenzisa lawo maphuzu lapho nikhulumela incwadi ezohanjiswa ngo-December. Ungasebenzisa izintshumayelo eziyizibonelo ezisesenezelweni esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005 noma ezinye izintshumayelo ezisebenzayo ensimini yenu. Makube nomboniso owodwa noma emibili.
INgoma 123 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 5
INgoma 38
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Lokho Okufezwa Inkonzo Yethu.”c Lapho nixoxa ngesigaba 5, hlanganisani namaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2004, ikhasi 32.
INgoma 26 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.